AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 9-11
“Umhlaba Wonke Waqhubeka Unolimi Olulodwa”
EBhabhele, uJehova wahlakaza abantu abangalaleli ngokuphithanisa ulimi lwabo. Namuhla, ubuthela ndawonye isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe nezilimi, bese esinika ‘ulimi oluhlanzekile’ ukuze ‘sibize igama likaJehova, simkhonze silinganisene ihlombe nehlombe.’ (Zef 3:9; IsAm 7:9) Lolu ‘limi oluhlanzekile’ yiqiniso elitholakala emiBhalweni elimayelana noJehova nezinjongo zakhe.
Ukufunda ulimi olusha akukhona nje ukubamba ngekhanda amagama amasha. Kudingeka ufunde nendlela entsha yokucabanga. Ngokufanayo, lapho sifunda ulimi oluhlanzekile lweqiniso, iyashintsha nendlela esicabanga ngayo. (Ro 12:2) Lolo shintsho luyaqhubeka bese lwenza abantu bakaNkulunkulu babe nobunye.—1Ko 1:10.