Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb19 Agasti k. 3
  • Jwayelana Nabantu Abathanda UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Jwayelana Nabantu Abathanda UJehova
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehowashi Washiya UJehova Ngenxa Yabangane Ababi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Wabeka Ukuphila Kwakhe Engcupheni Ukuze Avikele Ubukhosi
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • Kungani Kufanele Simesabe UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • UJehova Uyabavuza Labo Abanesibindi
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
mwb19 Agasti k. 3

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Jwayelana Nabantu Abathanda UJehova

Kungani kufanele sijwayelane nabantu abathanda uJehova? Yingoba abantu esijwayelene nabo bangaba nethonya elihle noma elibi. (IzA 13:20) Ngokwesibonelo, iNkosi uJehowashi yayenza “okulungile emehlweni kaJehova” ngesikhathi isajwayelene noMpristi Ophakeme uJehoyada. (2Kro 24:2) Ngemva kokufa kukaJehoyada, uJehowashi wamlahla uJehova ngenxa yokujwayelana nabantu ababi.—2Kro 24:17-19.

Ngekhulu lokuqala C.E., umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lobuKristu ‘nendlu enkulu,’ wafanisa amalungu ebandla ‘nezitsha’ noma izinto ezisetshenziswa ekhishini. Siqhubeka ‘siyizitsha zenjongo enodumo’ uma sigwema ukujwayelana nanoma ubani owenza izinto ezingamjabulisi uJehova, ngisho noma kuyilungu lomndeni noma lebandla. (2Thim 2:20, 21) Kwangathi singaqhubeka sikhetha abangane abathanda uJehova nabasikhuthazayo ukuba simkhonze.

BUKELA IVIDIYO ETHI FUNDA UKWENQABA ABANGANE ABABI, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Iziphi ezinye zezindlela ezingasenza sizithole sesijwayelene nabantu ababi?

  • Kule vidiyo, yini eyasiza amaKristu amathathu ayeka ukujwayelana nabantu ababi?

  • Iziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ubakhethe kahle abantu ojwayelana nabo?

UJohn uthelela amakhasimende iwayini estolo sokudla; uKristin ubheka izingosi zokuxhumana; uJayden udlala umdlalo kuyi-internet; uJohn nomndeni wakhe, uKristin noJayden emhlanganweni webandla

Ingabe ‘ngiyisitsha senjongo enodumo’?​—2Thim 2:21

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela