AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LUKA 8-9
Yini Edingekayo Ukuze Ube Umlandeli KaKristu?
Ukuze umuntu olimayo avule imisele eqondile, akumelwe aphazanyiswe ukubheka emuva. Ngokufanayo, umKristu akumelwe avume ukuphazanyiswa izinto zaleli zwe azishiye emuva.—Fil 3:13.
Lapho sibhekene nezinkinga, kulula ukukhumbula ‘izinsuku zakudala,’ mhlawumbe izinsuku zangaphambi kokuba sibe oFakazi. Lapho sizikhumbula, sivame ukucabanga ukuthi kwakumnandi kakhulu ngalezo zikhathi, kube sengathi sasingenazo izinkinga. Yilokho okwenziwa ama-Israyeli ngemva kokuphuma eGibhithe. (Num 11:5, 6) Uma sihlale sicabanga ngalezo ‘zinsuku zakudala,’ singase silingeke ukuba sibuyele endleleni esasiphila ngayo. Kungcono kakhulu ukucabanga ngezibusiso esinazo manje nokugxila enjabulweni esizoba nayo lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu.—2Ko 4:16-18.