AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MARKU 13-14
Gwema Ukubanjwa Ugibe Lokwesaba Abantu
Kungani abaphostoli bahluleka ukumelana novivinyo lokwesaba abantu?
Babezethemba ngokweqile. UPetru waze wacabanga nokuthi uzoba qotho kuJesu ukwedlula abanye abaphostoli
Abazange bahlale belindile futhi bethandaza
Ngemva kokuvuswa kukaJesu, yini eyasiza abaphostoli abaphendukile ukuba bagweme ukwesaba abantu futhi bashumayele naphezu kokuphikiswa?
Bazilalela izixwayiso zikaJesu, ngenxa yalokho ukuphikiswa noshushiso kwabafica bekulindele
Bathembela kuJehova futhi bathandaza.—IzE 4:24, 29
Iziphi izimo ezingavivinya ukuthi sinesibindi kangakanani?