AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISILILO 1-5
Ukuzimisela Ukulinda Kuyasisiza Sibekezele
Yini eyasiza uJeremiya ukuba abekezele ngesineke phezu kokuhlupheka okukhulu?
Wayeqiniseka ukuthi uJehova ‘wayeyokhothamela’ phezu kwalabo abaphendukayo kubantu bakhe, abakhiphe osizini lwabo
Wayefunde ‘ukuthwala ijoka ebusheni bakhe.’ Uma umuntu ebekezelela ukuvivinywa kokholo lapho esemusha, kuyomsiza akwazi ukubhekana nezinkinga ngempumelelo lapho esekhulile