June 12-18
ISILILO 1-5
INgoma 128 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ukuzimisela Ukulinda Kuyasisiza Sibekezele”: (10 imiz.)
[Dlala i-video ethi Isethulo SesiLilo.]
IsiL 3:20, 21, 24—UJeremiya wabonisa ukuthi wayezimisele ukulinda futhi wathembela kuJehova (w12 6/1 14 ¶3-4; w11 9/15 8 ¶8)
IsiL 3:26, 27—Ukubekezelela ukuvivinywa kokholo kuyosisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga eziseza (w07 6/1 11 ¶4-5)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IsiL 2:17—Iliphi “izwi” uJehova alifeza mayelana neJerusalema? (w07 6/1 9 ¶4)
IsiL 5:7—Ingabe uJehova ujezisa abantu ngamaphutha okhokho babo? (w07 6/1 11 ¶1)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo engokomoya oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IsiL 2:20–3:12
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ekuhambeleni Kokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) isembozoa se-g17.3—Beka isisekelo sengxoxo elandelayo.
Empindelweni: (4 imiz. noma ngaphansi) isembozo se-g17.3—Memela umuntu emihlanganweni yethu.
Inkulumo: (6 imiz. noma ngaphansi) w11 9/15 9-10 ¶11-13—Isihloko: UJehova Uyisabelo Sami.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izidingo Zebandla: (8 imiz.) Noma ningase nikhethe ukuxoxa ngesithi “INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo” kuyi-Ncwadi Yonyaka. (yb17 2-5)
Okufezwa Yinhlangano: (7 imiz.) Dlala i-video ethi Okufezwa Yinhlangano ka-June 2017.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 13 ¶33-34, ibhokisi elithi “Ukunqoba Okuphawulekayo Emacaleni Alwiwa Ezinkantolo Ezinkulu Okwathuthukisa Umsebenzi Wokushumayela NgoMbuso” nelithi “Ungokoqobo Kangakanani UMbuso Kuwe?”
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 100 Nomthandazo
a Elithi “isembozo” lapha lisho isihloko noma izihloko ezihambisana nendaba esemakhasini okuqala kamagazini.