Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda September 1
“Wake wazibuza yini ukuthi lavelaphi igama elithi OFakazi BakaJehova? [Lindela impendulo.] Impendulo itholakala eBhayibhelini, lapho uNkulunkulu eveza khona igama lakhe. [Funda iHubo 83:18.] NjengoFakazi BakaJehova, sitshela abantu ngezindaba ezinhle ngaye nangenjongo yakhe ngesintu. Le Nqabayokulinda icacisa izinto eziningi ezidida abantu ngathi.”
Phaphama! September
“Abantu abaningi bayavuma ukuthi sidinga imali ukuze siphile. Kodwa ucabanga ukuthi kuyingozi ukuthanda kakhulu imali? [Lindela impendulo.] Ake sizwe ukuthi iBhayibheli lisixwayisa ngani. [Funda eyoku-1 Thimothewu 6:9.] Lo magazini uchaza indlela esingaba ngayo nombono oqondile ngemali.”