Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/14 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Eziyisibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indlela Yokubhekana Nokutubeka
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 8/14 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ngo-September

“Abantu abaningi bakholelwa ezingelosini. Uyakholelwa wena? [Lindela impendulo.] Njengezidalwa zomoya, izingelosi zinamandla kakhulu, kodwa ucabanga ukuthi zingasisiza? IBhayibheli lisitshela ngendlela ezibasiza ngayo abantu namhlanje.” Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-September 1, nixoxe ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala bese nifunda okungenani umBhalo owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini, bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda September 1

“Ingabe unomuzwa wokuthi abantu sebewonakalise ngendlela engenakulungiseka umhlaba? [Lindela impendulo.] Nakuba abantu bengenakukwazi ukulungisa umonakalo abawenzile, iBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu angakwazi ukuwulungisa futhi uyafisa ukuwulungisa. Encwadini yeHubo 65:9 siqinisekiswa ngalokhu. [Yifunde.] Le Nqabayokulinda ixoxa ngendlela uNkulunkulu azowulungisa ngayo umhlaba nangendlela esingazijabulela ngayo lezi zibusiso zesikhathi esizayo. Ngingakushiyela uzifundele yona?”

Phaphama! September

“Abaningi banomuzwa wokuthi bagqilazwa abaqashi babo futhi abayiboni indlela yokubalekela lokhu kucindezelwa. Abacwaningi bathi ukusebenza ngokweqile kungaholela ekukhandlekeni, okungabangela izinkinga ezingokomzimba nezingokomzwelo. Ucabanga ukuthi yini engasiza umuntu abe nokuphila okulinganiselayo? [Lindela impendulo.] Yizwa okushiwo yileli vesi leBhayibheli. [Funda umShumayeli 4:6.] Lo magazini uchaza izindlela ezine ezingasisiza senze izinguquko ezintweni eziza kuqala nezokubhekana nokukhandleka kwasemsebenzini.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela