“La Mazwi . . . Kumelwe Abe Senhliziyweni Yakho”
Abazali bafana nabelusi. Kumelwe bazinakekele kahle izingane zabo, ezingaduka kalula futhi zichayeke engozini. (IzAga 27:23) Abazali bangakwenza kanjani lokhu? Kumelwe bachithe isikhathi nsuku zonke bexoxa nezingane zabo ukuze bazi okusezingqondweni nasezinhliziyweni zazo. (IzAga 20:5) Ngaphezu kwalokho, abazali kumelwe bakhe ngezinto ezingashi ukuze baqinise ukholo lwezingane zabo. (1 Kor. 3:10-15) I-video ethi “La Mazwi . . . Kumelwe Abe Senhliziyweni Yakho,” igcizelela ukubaluleka kokukhulekela komkhaya okwenziwa njalo. Yibukeni njengomndeni bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
(1) Yini eyenza umndeni wakwaMngoma wangagxila ezintweni ezingokomoya? (2) Kungani ingaphumelelanga imizamo yokuqala kaMzalwan’ uMngoma yokuba nokukhulekela komkhaya? (3) Iyiphi indlela eseBhayibhelini ephumelela kangcono ekukhuliseni izingane? (Dut. 6:6, 7) (4) Yini engenza kube nokukhulumisana okuhle emndenini? (5) Yikuphi ukuzidela izingane ezidinga ukuba abazali bakwenze? (6) UMzalwane noDade Hadebe baba kanjani ithonya elihle emndenini wakwaMngoma? (IzAga 27:17) (7) Yini inhloko yomndeni okumelwe iyenze kusengaphambili ukuze yenze ukukhulekela komkhaya kuphumelele? (8) UMzalwan’ uMngoma waqala nini ukushintsha isimo somndeni wakhe? (9) Kungani kubalulekile ukuba nokukhulekela komkhaya okwenziwa njalo? (Efe. 6:4) (10) Yiziphi izinto ezingase zenziwe ekukhulekeleni komkhaya? (11) UMzalwan’ uMngoma wamsiza kanjani uMalusi ngendlela ezolile kodwa eqinile ukuba abone ukubaluleka kokwenza okulungile? (Jer. 17:9) (12) UMzalwane noDade Mngoma babonisana kanjani noRebecca ukuze bamsize enze isinqumo esifanele ngokuphathelene nobuhlobo bakhe noJustin? (Marku 12:30; 2 Thim. 2:22) (13) UMzalwane noDade Mngoma balubonisa kanjani ukholo lapho benza izinguquko ekuphileni kwabo? (Math. 6:33) (14) Le video isigcizelela kanjani isidingo sokuba izinhloko zemindeni zondle imindeni yazo ngokomoya? (1 Thim. 5:8) (15) Njengenhloko yomndeni, uzimisele ukwenzani?
OKUFANELE KUPHAWULWE IZINHLOKO ZEMINDENI: Le drama yosuku lwanamuhla yadlalwa emihlanganweni yesifunda yango-2011. Ngaleso sikhathi, wasibona yini isidingo sokuthuthukisa ukukhulekela komkhaya emndenini wakho? Uyasibona yini manje? Uma kudingeka wenze izinguquko, sicela ukucabangele ngomthandazo ukuzenza ukuze umndeni wakho uthole izinzuzo zaphakade.—Efe. 5:15-17.