Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda May 1
“Ukube ubunamandla okuqeda inkinga eyodwa emhlabeni, iyiphi obungayiqeda? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, maduzane uNkulunkulu uzoqeda leyo nkinga nezinye eziningi. [Funda umBhalo ohambelana nalokho, njengoDaniyeli 2:44; izAga 2:21, 22; uMathewu 7:21-23; noma eyesi-2 Petru 3:7.] Le Nqabayokulinda ixoxa ngokuthi uNkulunkulu uzozenza nini futhi kanjani lezi zinguquko ezinhle kangaka emhlabeni.”
Phaphama! May
“Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke yini ukuba sibe nemizi emihle futhi singakhathazwa ukuhlupheka? [Lindela impendulo.] Ngicela uphawule lesi sithembiso esenziwa uNkulunkulu kubantu ngokuphathelene nalokhu. [Funda u-Isaya 65:21, 22.] Le Phaphama! ixoxa ngendlela uNkulunkulu azogcwalisa ngayo izithembiso zakhe kubantu nendlela esingaba ngayo ingxenye yalokho.”