Ingabe Uyasilungiselela ISikhumbuzo?
KwakunguNisani 13, 33 C.E. UJesu wayazi ukuthi wayesesalelwe ubusuku obubodwa kuphela ayezobuchitha nabangane bakhe abaseduze ngaphambi kokuba abulawe. Wayezogubha iPhasika lokugcina ekanye nabo abese emisa umkhosi omusha, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Umkhosi obaluleke kanjalo ngokuqinisekile udinga ukulungiselelwa. Ngakho-ke, wathuma uPetru noJohane ukuba bayolungiselela izinto. (Luka 22:7-13) Minyaka yonke kusukela ngaleso sikhathi, bekulokhu kudingekile ngamaKristu afisa ukugcina iSikhumbuzo ukuba asilungiselele lesi senzakalo. (Luka 22:19) Iziphi izinto eziyisisekelo okufanele sizenze ukuze silungiselele iSikhumbuzo salo nyaka esizoba ngo-April 3.
Amalungiselelo Enziwa Abamemezeli:
Hlela ukuhlanganyela ngokugcwele emkhankasweni wokumemela abantu eSikhumbuzweni.
Yenza uhlu lwabantu ofunda nabo iBhayibheli, izihlobo, ofunda nabo esikoleni, osebenza nabo nabanye obaziyo bese uyabamema.
Funda futhi uzindle ngokufundwa kweBhayibheli kwangenkathi yeSikhumbuzo.
Kulungele ukwamukela izimenywa lapho uya eSikhumbuzweni.