ISimiso Sesonto Lika-March 9
ISONTO ELIQALA NGO-MARCH 9
INgoma 44 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 21 ¶9-15 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 1-4 (8 imiz.)
No. 1: 1 Samuweli 2:30-36 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Yini Eyabikezelwa IBhayibheli NgoMesiya?—igw k. 10 (5 imiz.)
No. 3: U-Asa—Iphuzu Eliyinhloko: Shisekela Ukukhulekela Okumsulwa—w12 8/15 k. 8 izig. 4-5 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: ‘Yilungele Yonke Imisebenzi Emihle.’—Thithu 3:1.
10 imiz: “Yilungele Yonke Imisebenzi Emihle.” Inkulumo esekelwe esihlokweni senyanga. Fundani futhi nixoxe ngezAga 21:5, uThithu 3:1 neyoku-1 Petru 3:15. Chaza indlela ukulungiselela kahle okuwazuzisa ngayo amaKristu. Khulumela kafushane ezinye izingxenye zoMhlangano Wenkonzo wale nyanga futhi uxoxe ngendlela ezihlobana ngayo nesihloko senyanga.
10 imiz: Xoxa Nombonisi Wesikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ukufeza isabelo sakho kuhilelani? Ukulungiselela kanjani ukuqhuba isikole isonto ngalinye? Kungani kufanele abafundi bazilungiselele kahle izabelo zabo? Iziphi izinzuzo ezizotholwa izilaleli ngokulungiselela umhlangano kusengaphambili?
10 imiz: “Ingabe Uyasilungiselela ISikhumbuzo?” Ingxoxo. Bukeza kafushane ukwaziswa okusekhasini 2 kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2013. Hlanganisa nomboniso wommemezeli owamukela isimenywa eSikhumbuzweni.
INgoma 8 Nomthandazo