Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuphendula Umninikhaya Othukuthele
Okwenza Kubaluleke: Abantu abaningi esihlangana nabo enkonzweni banomusa. Nokho, uJesu waprofetha ukuthi abanye babeyosizonda. (Joh. 17:14) Ngakho-ke, akufanele kusimangaze ukuthola umninikhaya othukuthele. Lapho lokhu kwenzeka, sifuna ukusabela ngendlela ejabulisa lowo esimmelele, uJehova. (Roma 12:17-21; 1 Pet. 3:15) Cishe lokho kuyokwenza isimo sibe ngcono. Kuyonikeza nobufakazi kumninikhaya nakunoma ubani obukele, kubenze bathambekele nakakhulu ekulaleleni oFakazi BakaJehova uma befika ngokulandelayo.—2 Kor. 6:3.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Yibani nezikhathi zokuprakthiza phakathi nokukhulekela komkhaya.
Ngemva kokushiya umninikhaya othukuthele, xoxa nohamba naye ngendlela engcono obungaphendula ngayo.