Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/14 k. 2
  • Indlela Entsha Nejabulisayo Yokufakaza Obala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Entsha Nejabulisayo Yokufakaza Obala
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokufakaza Ngezinqola Namatafula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Ukushumayela Emgwaqweni Ngendlela Ephumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Zithengisisele Ithuba Enkonzweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Shumayela Izindaba Ezinhle Kuyo Yonke Indawo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 11/14 k. 2

Indlela Entsha Nejabulisayo Yokufakaza Obala

1. Amabandla anezindawo ezidlula abantu abaningi aye akhuthazwa ukuba enzeni?

1 Amabandla anezindawo ezidlula abantu abaningi aye akhuthazwa ukuba ahlele ukufakaza obala esebenzisa amatafula nezinqola. Uma kusetshenziswa inqola, okungenani makube nommemezeli oyedwa omile noma ohlezi eduze kwayo. Nokho, uma kunetafula, kufanele kube nabamemezeli ababili. Labo ababelwa ukufakaza obala ngezinqola namatafula kufanele bazame ukuba nemfudumalo nobungane futhi bangeneke. Uma umuntu ebonisa isithakazelo kwenye yezincwadi, omunye wabamemezeli angaqala ingxoxo naye, mhlawumbe ngokuthi, “Uke wazibuza yini ukuthi iBhayibheli lithini ngaleyo ndaba?” Omunye ummemezeli noma ababili bangema buqamamana, bahlanganyele ekufakazeni ngokwethukela.

2. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukubaluleka kokufakaza obala ngezinqola namatafula.

2 Le ndlela yokufakaza iye yaholela ekuqalweni kwezifundo zeBhayibheli eziningi. Omunye umfundi wasekolishi wakhetha ukubhala indaba ngoFakazi BakaJehova, kodwa akakwazanga ukuthola iHholo LoMbuso. Ngesonto elilandelayo wabona itafula okufakazwa ngalo obala ekolishi. Kwaqalwa naye isifundo seBhayibheli futhi manje lo mfundi usengummemezeli obhapathiziwe, kanti naye uhlanganyela ekufakazeni obala.

3. Bazizwa kanjani abanye ngale ndlela yokufakaza obala?

3 Omunye udade oyijabulelayo le ndlela yokufakaza obala wathi: “Abanye bayama bathathe omagazini bamuva. Abanye abakaze bezwe ngoFakazi BakaJehova ngaphambili. Ngiyabona ukuthi ngale ndlela, kungafinyelelwa abantu abaningi.” Omunye udade wathi, “Lena indlela entsha nejabulisayo yokufakaza ngoba abantu beza kithi, basibuze ukuthi senzani.”

4. Kungani kuzuzisa ukubeka amatafula nezinqola ngesikhathi nasendaweni efanayo isonto ngalinye?

4 Kuyazuzisa ukubeka amatafula nezinqola endaweni efanayo, ngezinsuku ezifanayo nangesikhathi esifanayo isonto ngalinye. Lokho kwenza abantu bawajwayele futhi bagcine sebekhululekile ukuza babuze imibuzo noma bathathe izincwadi. Ingabe ibandla lakini selikuhlelile ukufakaza obala? Uma kunjalo, mhlawumbe ungahlanganyela kule ndlela emnandi nethelayo ‘yokumemezela kabanzi umbuso kaNkulunkulu.’—Luka 9:60.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela