ISimiso Sesonto Lika-November 24
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 24
INgoma 50 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 16 ¶10-17 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 28-31 (10 imiz.)
No. 1: Duteronomi 30:15–31:8 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Izilwane Ziyimiphefumulo—rs k. 379 ¶1–k. 380 ¶2 (5 imiz.)
No. 3: Ukuhloba—Iseluleko KumaKristu Ngokuhloba—jl isif. 8 ¶3; g05 10/8 k. 17 ¶2-4 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: “Sebenzisa Ingosi Yethu Enkonzweni—‘Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli.’” Ingxoxo. Yisho eminye imibuzo ephendulwa kule ngxenye yengosi yethu. (Ngena kuyi-jw.org, ubheke ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.) Makube nomboniso omfushane wokusikisela okukodwa okulapha. Cela izilaleli zisikisele ezinye izindlela okungasetshenziswa ngayo le ngxenye yengosi enkonzweni.
10 imiz: “Angisamtholi Ekhaya!” Ingxoxo. Xoxani ngokuthi kungani kubalulekile ukuphikelela lapho kunzima ukuphinde uthole umuntu ekhaya.—Math. 28:19, 20; Marku 4:14, 15; 1 Kor. 3:6.
10 imiz: “Ithuluzi Elisha Lokucwaninga.” Inkulumo. Bukeza iziqondiso zesihlokwana esithi “Indlela Yokuqala Ucwaningo,” ezisesethulweni se-Ncwadi Yokucwaninga. Qokomisa izici ezihlukahlukene zaleli thuluzi elisha. Hlanganisa nomboniso wommemezeli okhuluma yedwa esebenzisa INcwadi Yokucwaninga.
INgoma 69 Nomthandazo