Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/14 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Eziyisibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 10/14 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ngo-November

“Ngicela ubuke lo mbuzo othakazelisayo. [Funda umbuzo wokuqala ongemuva kwe-Nqabayokulinda ka-November 1.] Ucabangani? [Funda izigaba ezimbili ezingaphansi kwalowo mbuzo nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe.] Ngingabuya yini ukuze sizoxoxa ngokuthi kungani uJesu avusa abantu nokuthi lokho kusho ukuthini kithi?”

INqabayokulinda November 1

“Uke wazibuza ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi kangaka emhlabeni? [Lindela impendulo.] KusAmbulo 12:9 iBhayibheli liyachaza ukuthi kungani. [Funda.] Nokho, ivesi 12 lisinikeza isizathu sethemba. [Funda isAmbulo 12:12.] Maduzane ithonya elibi likaSathane lizophela. Lesi sihloko esithi ‘Ingabe Kufanele Simesabe USathane?’ sixoxa ngendlela esingazivikela ngayo ethonyeni lakhe manje nangokuthi kuzokwenzekani kuSathane esikhathini esizayo esiseduze. Nayi ikhophi yakho.”

Phaphama! November

“Wonke umuntu uthanda ukujabula, kodwa abaningi namuhla abajabule. Ucabanga ukuthi yini eholela enjabulweni yangempela? [Lindela impendulo.] Ngithola iBhayibheli lisiza ekwakheni ukuphila okujabulisayo. Ngokwesibonelo, qaphela lesi simiso seBhayibheli. [Funda amaHebheru 13:5.] Lo magazini uqokomisa izihluthulelo ezine ezisekelwe eBhayibhelini zokuba nenjabulo yangempela.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela