ISimiso Sesonto Lika-September 8
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 8
INgoma 133 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 12 ¶16-21, nebhokisi ek. 127 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 22-25 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 22:36–23:10 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: USathane Akabona Nje Ububi Obungaphakathi Kubantu—rs k. 402 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: U-Adamu—Wenziwa Ngomfanekiso KaNkulunkulu Ngamuphi Umqondo?—bh k. 48 ¶5 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
15 imiz: Bonisa Inhlonipho Lapho Ushumayela. (2 Kor. 6:3) Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo: (1) Kungani kubalulekile ukuba sibonise inhlonipho lapho sishumayela? (2) Singayibonisa kanjani inhlonipho lapho (a) iqembu lethu lifika ensimini elizoyisebenza? (b) sisuka kwenye indlu siya kwenye noma sihamba ngezimoto endaweni yasemakhaya? (c) simi emnyango? (d) umuntu esihamba naye ekhuluma nomninikhaya? (e) umninikhaya ekhuluma? (f) umninikhaya ematasa noma lapho isimo sezulu sisibi? (g) umninikhaya edelela?
15 imiz: “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubeka Isisekelo Sempindelo.” Ingxoxo. Makube nomboniso wommemezeli okhuluma yedwa olungiselela inkonzo yasensimini nombuzo azowubuza uma umninikhaya ebathatha omagazini.
INgoma 68 Nomthandazo