IZaziso
◼ Isipho sango-August: Umkhankaso okhethekile wokuhambisa ipheshana elikhuluma nge-jw.org. Ngo-September nango-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November nango-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nanoma imaphi amapheshana okungenzeka ibandla linawo esitokweni. Amabandla anamapheshana amadala esitokweni kufanele azame ngokusemandleni ukuwahambisa, angawagcini esitokweni.
◼ Siyajabula ukubika ukuthi kunikezelwe amaHholo oMbuso amane. E-Eastern Cape: I-Upper Qunu. EMpumalanga: I-Okkernootboom. ENorth West: IMotsoseng South neRadithuso.
◼ Isimiso somhlangano sangesonto elandulela umhlangano wenu wesifunda singase sishintshwe ukuze kubuyekezwe izeluleko nezikhumbuzo okwaxoxwa ngazo ngesonto lango-April 21. Lapho sekudlule inyanga eyodwa noma ezimbili ngemva komhlangano wenu, ingxenye yezidingo zebandla ingasetshenziselwa ukubuyekeza amaphuzu omhlangano abamemezeli abawathole ewusizo enkonzweni.