Sebenzisa Ingosi Yethu Ukuze Ufundise Izingane Zakho
1. Ingxenye ethi “Izingane” engosini yethu ifezani?
1 Ingosi yethu ethi jw.org iklanyelwe ukuba ikhange abantu babo bonke ubudala. Ingxenye yayo ethi “Izingane” (chofoza esithi Izimfundiso ZeBhayibheli > Izingane) isiza abantwana nabazali ukuba basondelane futhi basondele kuJehova. (Dut. 6:6, 7) Ungayisebenzisa kanjani le ngxenye ukuze ufundise izingane zakho?
2. Yini engakusiza ukuba ukhethe ukwaziswa okufanelana nobudala bezingane zakho?
2 Zivumelanise Nezimo: Umntwana ngamunye unezidingo ezingafani nezabanye. (1 Kor. 13:11) Ngakho yini engakusiza ukuba ukhethe ukwaziswa okufanelana nobudala bezingane zakho? Zibuze: ‘Yini ethandwa kakhulu izingane zami? Kungakanani izingqondo zazo ezingakwazi ukukubamba? Zikwazi ukuhlala isikhathi esingakanani zigxilise izingqondo kokuthile?’ Uma unezingane ezineminyaka emithathu noma ngaphansi, ungase uxoxe nazo ngezindaba ezisesihlokweni esithi “Izifundo Engizithola EBhayibhelini.” Eminye imikhaya ijabulela izindaba zeBhayibheli ezisengxenyeni ethi “Fundisa Izingane Zakho.” Cabangela nalokhu okulandelayo.
3. Abazali bangazisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo izindaba nemisebenzi esesihlokweni esithi “Imisebenzi YokuKhulekela Komkhaya”?
3 Imisebenzi YokuKhulekela Komkhaya: Le misebenzi ingamathuluzi asiza izinhloko zemikhaya ukuba zitadishe nezingane zazo. Ukuze uthole indlela yokusebenzisa lezi zindaba nemisebenzi, chofoza inkinobho yokudawuniloda, ufunde ikhasi lomsebenzi ngamunye elithi “Isiqondiso Kubazali.” Sebenzisa ingxenye yokufunda ngezithombe, njengokufaka imibala ezithombeni, ukuze ufundise abasebancane. Siza labo asebekhulakhulile ukuba benze imisebenzi esengxenyeni ethi “Imisebenzi Yokutadisha Yezingane.” Yonke le misebenzi yokutadisha ihlobana nendaba noma isifundo esisodwa esiseBhayibhelini, ngakho izingane zobudala obuhlukahlukene zingahlanganyela ekwenzeni umsebenzi ofanayo ekukhulekeleni komkhaya.
4. Yini etholakala engxenyeni ethi “Yiba Umngane KaJehova”?
4 Yiba Umngane KaJehova: Ama-video, izingoma nokufunda ngezithombe kule ngxenye yengosi yethu kusiza abazali ukuba bagxilise iZwi likaNkulunkulu kubantababo. (Dut. 31:12) Isiqeshana se-video ngayinye yopopayi sifundisa isifundo esibalulekile. Ukufunda ngezithombe kugcizelela ukubaluleka kwalezo zifundo. Njengoba izingane zithanda ukucula—futhi izingoma zizisiza ukuba zikhumbule ezikufundile—kule ngosi kuhlale kufakwa izingoma zoMbuso nezingoma ezibhalelwe abantwana ngokukhethekile.
5. Kungani abazali kufanele bacele uJehova abasize ekufundiseni izingane zabo iqiniso?
5 Bazali, uJehova ufuna niphumelele ekukhuliseni izingane. Ngakho mceleni anisize ekufundiseni izingane zenu iqiniso. (AbaHl. 13:8) Ngosizo lukaJehova, ningakwazi ukuqeqesha izingane zenu ukuba ‘zihlakaniphele insindiso ngokholo olumayelana noKristu Jesu.’—2 Thim. 3:15; IzAga 4:1-4.