Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/13 k. 1
  • IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Jabulela Izinzuzo Zokufundisa Kwaphezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Qapha Ingqondo Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • ‘Intando KaNkulunkulu Mayenzeke’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 8/13 k. 1

IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa

1. Sithini isihloko somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2014, futhi yimuphi umbuzo ozophendulwa kulesi simiso?

1 ‘UMfundisi wethu Omkhulu,’ uJehova, ungumfundisi omuhle kunabo bonke ezulwini nasemhlabeni. (Isaya 30:20, 21) Usifundisa kanjani-ke kodwa uJehova? Usinikeze incwadi ezedlula zonke—iZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli. Imfundiso yaphezulu ingasizuzisa kanjani ngokwenyama, engqondweni, ngokomzwelo nangokomoya? Impendulo yalo mbuzo izocatshangelwa esimisweni sethu somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2014. Isihloko sawo esithi, “IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa,” sisekelwe kweyesi-2 Thimothewu 3:16.

2. Amaphuzu ayinhloko azovezwa izimpendulo zamiphi imibuzo?

2 Lindela La Maphuzu Ayinhloko: Amaphuzu ayinhloko esimiso azovezwa izimpendulo zale mibuzo elandelayo:

• Imfundiso yaphezulu inamuphi umphumela ekuphileni kwethu? (Isaya 48:17, 18)

• Uma senza izinguquko ezimweni zethu ukuze sikhonze uJehova isikhathi esigcwele, yini esingaqiniseka ngayo? (Mal. 3:10)

• Kufanele sisabele kanjani lapho sizwa ‘izimfundiso ezingaziwa’? (Heb. 13:9)

• Singayilingisa kanjani ‘indlela’ kaJesu “yokufundisa”? (Math. 7:28, 29)

• Kungani abafundisayo ebandleni kufanele bazifundise nabo ngokwabo? (Roma 2:21)

• Lizuzisa ngani iZwi likaNkulunkulu? (2 Thim. 3:16)

• Kubathinta kanjani abantu ‘ukuzanyazanyiswa’ kwezizwe? (Hag. 2:6, 7)

• Yini uJehova aqiniseka ngayo ngathi? (Efe. 5:1)

• Kungani kumelwe sizikhandle ukuze sihlale emfundisweni kaJehova? (Luka 13:24)

3. Kungani kubalulekile ukuba sibe khona futhi silalelisise kulesi simiso esifike ngesikhathi?

3 Kweyesi-2 Thimothewu isahluko 3, ngaphambi kokuba uPawulu alobe amazwi ayisihloko sesimiso salo mhlangano, wachaza izikhathi ezibucayi ezaziyophawula izinsuku zokugcina. Waloba: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” (2 Thim. 3:13) Ukuze singadukiswa, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba silalele futhi sisebenzise imfundiso yaphezulu! Ngakho-ke, kwangathi singazimisela ukuba khona nokulalelisisa kulesi simiso esifike ngesikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela