Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/13 k. 1
  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UJona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UJona
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-32—UJona
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • UJona Ufunda Ngesihe SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 4/13 k. 1

Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UJona

1. Iziphi izimfanelo ezinhle uJona ayenazo?

1 Yini efika engqondweni yakho uma ucabanga ngomprofethi uJona? Abanye bangase bambheke njengegwala noma njengomuntu onenhliziyo elukhuni. Nokho, wakubonisa ngokusobala ukuthobeka, isibindi kanye nomoya wokuzidela. ‘Singazilingisa’ kanjani izimfanelo ezinhle zikaJona?—Jak. 5:10.

2. Singakulingisa kanjani ukuthobeka kukaJona?

2 Ukuthobeka: Ekuqaleni, uJona wayibalekela insimu ayeyabelwe waya kwenye indawo. Akumangalisi lokhu ngoba abase-Asiriya babedume ngokuba izidlova ezimbi, iNineve laze labizwa ‘ngomuzi wokuchithwa kwegazi.’ (Nah. 3:1-3) Noma kunjalo, uJehova wamyala uJona, owabonisa ukuthobeka ngokusamukela isabelo sakhe lapho ephinda enikezwa ithuba. (IzAga 24:32; Jona 3:1-3) Nakuba ayemadolonzima ekuqaleni, wayenza intando kaNkulunkulu. (Math. 21:28-31) Ingabe sizimisele ngendlela efanayo ukushumayela izindaba ezinhle, ngisho noma siye sathola isiyalo noma insimu yethu iyinselele?

3. Iziphi izici zenkonzo yakho ezidinga isibindi nokuzidela?

3 Isibindi Nokuzidela: Lapho uJona eqaphela ukuthi isinqumo sakhe esibi sasibeke ukuphila kwamatilosi engozini, wavuma ukunikela ngokuphila kwakhe. (Jona 1:3, 4, 12) Kamuva, njengoba ayefeza isabelo sakhe eNineve, wangena phakathi kulo muzi, mhlawumbe efuna indawo efanelekayo ayengamemezela kuyo isahlulela sikaJehova. Lezo kwakuyizenzo zomprofethi kaNkulunkulu onesibindi, hhayi oyigwala! (Jona 3:3, 4) Kuthiwani ngathi namuhla? Isibindi esisinikwa uNkulunkulu siyasidinga ukuze sinikeze ubufakazi ngokungesabi lapho sibhekene nokuphikiswa. (IzE. 4:29, 31) Ukuzidela kuyadingeka ukuze sinikele isikhathi nezinto esinazo enkonzweni.—IzE. 20:24.

4. Kungani kufanele sizinike isikhathi sokuzindla ngesibonelo esihle esabekwa abaprofethi bakaJehova?

4 Isikhathi ngasinye lapho ufunda ngomlando womunye wabaprofethi bakaJehova, uyozuza uma uzibeka ezimweni abhekana nazo. Zibuze: ‘Mina ngangiyokwenzenjani? Ngingazilingisa kanjani izimfanelo zakhe ezinhle ekuphileni kwami?’ (Heb. 6:11, 12) Izihloko ezilandelayo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso zizohlaziya ezinye izifundo ezizuzisayo esingazifunda kwabanye abaprofethi bakaJehova abathembekile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela