Jehovah’s Witnesses—Faith in Action, Part 1: Out of Darkness
EBhayibhelini, ukukhanya kuhlotshaniswa neqiniso, kanti ubumnyama buhlotshaniswa namanga. (IHu. 43:3; Isaya 5:20) USathane waletha ubumnyama emhlabeni lapho ekhohlisa u-Eva, futhi ngokuhamba kwesikhathi wafaka isintu ebumnyameni obukhulu. (IsAm. 12:9) I-video ethi Jehovah’s Witnesses—Faith in Action, Part 1: Out of Darkness ilandisa ngendlela ukukhanya okungokomoya okwaqala ukuvela ngayo ebumnyameni. (Isaya 60:1, 2) Ngemva kokuyibuka, ungayiphendula le mibuzo?
(1) Ubumnyama obukhulu baqala kanjani ngemva kokufa kwabaphostoli? (2) Ekuqaleni kwawo-1100, iziphi izenzakalo ezenza abantu baqaphela ukuthi isonto lase lichezukile? (3) Kwakungobani oHenry Grew noGeorge Storrs? (4) Iziphi izenzakalo ekuphileni kukaCharles Russell ezaba nomphumela ophawulekayo? (5) UMfoweth’ uRussell, uyise nabangane abambalwa babeliqhuba kanjani ikilasi labo lokutadisha iBhayibheli futhi iziphi iziphetho ezingokomBhalo abazifinyelela? (6) Kwenzeka kanjani ukuba iqembu lokutadisha iBhayibheli lizibandakanye neqembu likaNelson Barbour, kodwa yini eyenza ukuba uMfoweth’ uRussell ahoxe? (7) Yini eyenzeka ngo-July 1879 eyaqala inkathi entsha yokukhanya okungokomoya? (8) Ngemva kwalokho, inani elandayo labaFundi BeBhayibheli lenzani ukuze lisakaze izindaba ezinhle? (9) Kusasele iminyaka eminingi ngaphambili, yini abaFundi BeBhayibheli ababelindele ukuthi izokwenzeka ngo-1914? (10) Iziphi izinselele abaFundi BeBhayibheli ababhekana nazo ngemva kokufa kukaMfoweth’ uRussell? (11) Yini abaFundi BeBhayibheli abayenza ngemva kokuba uMfoweth’ uRutherford nabangane bakhe bekhululiwe ejele? (12) Ukubuka le video kukujulise kanjani ukwazisa kwakho ngenhlangano kaJehova? (13) Le video ikuqinise kanjani ukuzimisela kwakho ukuqhubeka ushumayela ngentshiseko naphezu kwezingqinamba? (14) Singayisebenzisa kanjani le video ukusiza izihlobo zethu, esifunda nabo iBhayibheli nabanye?
Yeka ifa elingokomoya eliyigugu labo baFundi BeBhayibheli abasishiyela lona! Ezweni elisebumnyameni obungokomoya, babengabaphathi bokukhanya abanesibindi nabashisekayo. Sengathi singalingisa isibonelo sabo futhi ‘siqhubeke sihamba njengabantwana bokukhanya.’—Efe. 5:8.