ISimiso Sesonto Lika-April 23
ISONTO ELIQALA NGO-APRIL 23
INgoma 45 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 19 ¶12-20, nebhokisi ek. 152 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 29-31 (10 imiz.)
No. 1: Jeremiya 31:15-26 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ingabe UNkulunkulu Ulindele Ukuba AmaKristu Agcine ISabatha LamaSonto Onke? (5 imiz.)
No. 3: Ingabe UMariya Wayeyincasakazi Ngempela Lapho Ezala UJesu?—rs k. 349 ¶2–k. 350 ¶1 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
15 imiz: Izaziso. Sebenzisa umzuzu owodwa kuya kwemibili uphawule ngezihloko ezimbalwa komagazini baka-May ezingakhanga ensimini yenu. Ngemva kwalokho, kusetshenziswa izihloko ezisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ongavusa isithakazelo kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nangezihloko ezikuyi-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, ningadlulela nakwesinye isihloko komunye walabo magazini. Akube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
20 imiz: Sebenzisa Imifanekiso Efundisayo. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, amakhasi 240-243. Cela izilaleli zilandise imifanekiso emifushane eziye zayisebenzisa ngempumelelo lapho zibonisana nomninikhaya noma ezifunda naye iBhayibheli.
INgoma 119 Nomthandazo