Ingabe Ufunda Konke Ongakufunda KuJehova?
1. Uzizwa kanjani uJehova ngemfundo?
1 UJehova, ‘uMfundisi wethu Omkhulu,’ ufuna sibe abantu abafundile. (Isaya 30:20) Waqala ukufundisa ngemva kokudala iNdodana yakhe yokuqala. (Joh. 8:28) Ngemva kokuvukela kuka-Adamu, uJehova akayekanga ukufundisa, kodwa ngothando wanikeza abantu abangaphelele isiqondiso.—Isaya 48:17, 18; 2 Thim. 3:14, 15.
2. Imuphi umkhankaso oqhubekayo njengamanje?
2 Namuhla, uJehova uqondisa umkhankaso wokufundisa omkhulu kunayo yonke emlandweni. Njengoba u-Isaya ayeprofethile, ngokomfanekiso izigidi emhlabeni wonke zigelezela ‘entabeni yendlu kaJehova.’ (Isaya 2:2) Kungani? Ukuze zifundiswe izindlela zikaNkulunkulu, yebo ukuze zifundiswe nguJehova! (Isaya 2:3) Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2010, oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kwezinkulungwane eziyizigidi ezingu-1,6 beshumayela futhi befundisa abantu iqiniso leBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, isonto ngalinye kunemfundo engokomoya etholakalayo emabandleni angaphezu kwangu-105 000 emhlabeni wonke, futhi inceku ethembekileyo neqondayo ikhiqiza izincwadi zobuKristu zokufundisa ngezilimi ezingaphezu kuka-500.
3. Uzuze kanjani wena emfundweni evela kuJehova?
3 Zuza Ngokugcwele: Yeka indlela esiye sazuza ngayo emfundweni yaphezulu! Sifundile ukuthi uNkulunkulu unegama nokuthi uyasikhathalela. (IHu. 83:18; 1 Pet. 5:6, 7) Sithole izimpendulo zemibuzo ethile ebaluleke kakhulu ekuphileni: Kungani abantu behlupheka futhi befa? Ungayithola kanjani injabulo yangempela? Iyini injongo yokuphila? UJehova usinikeze nesiqondiso esihle sokuziphatha esisenza sikwazi ukwenza ‘indlela yethu iphumelele.’—Josh. 1:8.
4. Imaphi amathuba atholwa yizikhonzi zikaNkulunkulu, futhi kungani kufanele sifunde konke esingakufunda kuJehova?
4 Ngaphezu kwalokho, uJehova wenza kutholakale nemfundo ekhethekile ukuze asize izikhonzi zakhe eziningi ukuba zandise inkonzo ezimenzela yona. Amakhasi 4-6 anohlu lwamathuba abanye abangawathola. Ngisho noma izimo zethu zisivimba ekutholeni ukuqeqeshwa okukulolu hlu, ingabe siyisebenzisa ngokugcwele imfundo yaphezulu esiyitholayo? Ingabe siyayikhuthaza intsha ukuba izibekele imigomo engokomoya—imfundo yaphezulu, esikhundleni sokuphishekela imfundo ephakeme othisha nabanye abayikhuthaza ukuba iyiphishekele? Ukufunda konke esingase sikufunde kuJehova kuyosisiza sijabulele ukuphila manje naphakade esikhathini esizayo.—IHu. 119:105; Joh. 17:3.
Amathuba Athile Emfundo Atholakala Ngenhlangano KaJehova
Ukufunda Ukufunda Nokubhala
• Injongo: Ukufundisa abantu ukufunda nokubhala ukuze bakwazi ukutadisha iBhayibheli futhi bafundise nabanye iqiniso.
• Ubude Besikhathi: Kuya ngesidingo.
• Indawo: EHholo LoMbuso lendawo.
• Obani Abangaya Kuso: Yibo bonke abamemezeli nalabo abanesithakazelo.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Abadala bebandla bahlela amakilasi okufunda nokubhala ngokwesidingo sendawo, futhi bakhuthaza bonke abangase bazuze kuso.
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
• Injongo: Ukusiza abamemezeli ukuba abashumayeli nabafundisi bezindaba ezinhle abaphumelelayo.
• Ubude Besikhathi: Siqhubeka njalo.
• Indawo: EHholo LoMbuso lendawo.
• Obani Abangabhalisa Kuso: Yibo bonke abamemezeli. Kanti bangabhalisa nalabo abahlanganyela ngenkuthalo nebandla, abavumelana nezimfundiso zeBhayibheli, futhi abaphila ukuphila okuvumelana nezimiso zamaKristu.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Khuluma nombonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
Amakilasi Okufunda Ulimi Lwakwelinye Izwe
• Injongo: Ukufundisa abamemezeli indlela yokushumayela izindaba ezinhle ngolunye ulimi.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga ezine noma eziyisihlanu. La makilasi avame ukuba ngeMigqibelo ekuseni ihora elilodwa noma amabili.
• Indawo: Ngokuvamile kuba seHholo LoMbuso lendawo.
• Obani Abangabhalisa: Yibo bonke abamemezeli abanokuma okuhle nebandla abafuna ukushumayela ngolimi lwakwelinye izwe.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Amakilasi ahlelwa yigatsha kuye ngesidingo.
Ukwakha AmaHholo OMbuso
• Injongo: Ukwakha nokuvuselela amaHholo OMbuso. Lesi akusona isikole, kodwa ngaleli lungiselelo izisebenzi zokuzithandela zifundiswa amakhono ahlukahlukene ukuze zisize emisebenzini yokwakha.
• Ubude Besikhathi: Kuya ngezimo zesikhonzi sokuzithandela.
• Indawo: Kunoma iyiphi indawo iKomiti Yokwakha Yesifunda eyabelwe kuyo. Noma, ungasebenza isikhathi esigcwele lapho kunesidingo khona ngokubambisana Namaqembu Okwakha AmaHholo OMbuso aqondiswa yigatsha.
• Izimfuneko: Kufanele kube abazalwane nodade ababhapathiziwe abatuswa yindikimba yabadala. Bangase babe namakhono noma bangabi nawo.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Gcwalisa ifomu elithi Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82) elitholakala kubadala bebandla ukuze usebenze neKomiti Yokwakha Yesifunda. Gcwalisa ifomu elithi Application for Kingdom Hall Construction Volunteer Program (S-25) uma ungase ukwazi ukusisa ngaso sonke isikhathi inyanga nenyanga.
ISikole Samaphayona
• Injongo: Ukusiza amaphayona ukuba ‘ayifeze ngokugcwele inkonzo yawo.’—2 Thim. 4:5.
• Ubude Besikhathi: Amasonto amabili.
• Indawo: Inqunywa yihhovisi legatsha, ngokuvamile kuba yiHholo LoMbuso eliseduze.
• Izimfuneko: Uma nje sekuphele okungenani unyaka owodwa uyiphayona elivamile.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Amaphayona afanelekayo athola isaziso esivela kumbonisi wesifunda esishoyo ukuthi azoya nini kulesi sikole.
ISikole Sabasanda Kufika EBethel
• Injongo: Lesi sikole siklanyelwe ukusiza abasanda kufika eBethel ukuba baphumelele enkonzweni yabo.
• Ubude Besikhathi: Ihora elilodwa isonto ngalinye kuze kuphele amasonto angu-16.
• Indawo: EBethel.
• Izimfuneko: Kufanele ube yilungu lesikhathi esigcwele lomkhaya waseBethel noma ube yivolontiya isikhathi eside (unyaka noma ngaphezulu).
• Indlela Yokufaka Isicelo: Izikhonzi zaseBethel ezifanelekayo zivele zifakwe kulesi sikole.
ISikole Senkonzo SoMbuso
• Injongo: Ukuqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo ukuba bakwazi ukwengamela nokunakekela imisebenzi yenhlangano ngendlela efanele. (IzE. 20:28) Lesi sikole siba khona njalo ngemva kweminyaka embalwa ngesiqondiso seNdikimba Ebusayo.
• Ubude Besikhathi: Eminyakeni yamuva siba usuku olulodwa nengxenye kubadala kube olulodwa ezincekwini ezikhonzayo.
• Indawo: Ngokuvamile siba seHholo LoMbuso noma loMhlangano eliseduze.
• Izimfuneko: Kufanele kube umdala noma inceku ekhonzayo.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Abadala nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo bamenywa umbonisi wesifunda.
ISikole Sabadala Bebandlaa
• Injongo: Ukusiza abadala ukuba banakekele imithwalo yabo yemfanelo ebandleni.
• Ubude Besikhathi: Izinsuku eziyisihlanu.
• Indawo: IHhovisi Legatsha elinqumayo ukuthi siba kuphi, ngokuvamile siba seHholo LoMbuso noma loMhlangano eliseduze.
• Izimfuneko: Ukuba umdala.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Abadala abafanelekayo bamenywa yihhovisi legatsha.
ISikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabob
• Injongo: Ukusiza ababonisi besifunda nabesigodi ukuba bawakhonze kangcono amabandla nokuba ‘basebenze kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni’ futhi beluse nalabo ababengamele.—1 Thim. 5:17; 1 Pet. 5:2, 3.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga ezimbili.
• Indawo: Inqunywa yihhovisi legatsha.
• Izimfuneko: Ukuba umbonisi wesifunda noma wesigodi.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Ababonisi abajikelezayo nomkabo abafanelekayo bamenywa yihhovisi legatsha.
ISikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadilec
• Injongo: Ukuqeqesha amadoda angashadile angabadala nayizinceku ezikhonzayo ukuze athwale imithwalo eyengeziwe. Abaningi asebephothulile kulesi sikole babelwa ukuyokhonza lapho kunendingeko khona emazweni akubo. Abambalwa bangase bathole isabelo kwelinye izwe uma bezenza batholakale.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga ezimbili.
• Indawo: Kunquma ihhovisi legatsha, ngokuvamile kuba seHholo LoMhlangano noma eHholo LoMbuso.
• Izimfuneko: Abazalwane abangashadile abaneminyaka ephakathi kwengu-23 nengu-62 abayimiqemane abafuna ukukhonza abazalwane babo nezithakazelo zoMbuso lapho kunendingeko khona. (Marku 10:29, 30) Kufanele babe sebekhonze njengabadala noma izinceku ezikhonzayo iminyaka emibili ngaphandle kokuphazamiseka.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Uma lesi sikole sikhona ensimini engaphansi kwegatsha lakini, kuba nomhlangano walabo abanesithakazelo sokuya kuso phakathi nomhlangano wesifunda. Ukwaziswa okwengeziwe kutholakala phakathi nalo mhlangano.
ISikole SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristud
• Injongo: Ukuqeqesha ngokukhethekile imibhangqwana eshadile ukuze isetshenziswe ngokugcwele uJehova nenhlangano yakhe. Abaningi asebephothulile kulesi sikole babelwa ukuba bayokhonza lapho kunesidingo khona. Abambalwa bangase bathole isabelo sokuyokhonza kwelinye izwe uma bezenza batholakale.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga ezimbili.
• Indawo: Ezimbalwa zokuqala ziqhutshwa e-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York, e-U.S.A. Ngemva kwalokho, lesi sikole sizoba khona nakwezinye izindawo ezinqunywe yihhovisi legatsha, ngokuvamile eHholo LoMhlangano noma eHholo LoMbuso.
• Izimfuneko: Imibhangqwana eshadile eneminyaka ephakathi kwengu-25 nengu-50 eyimiqemane futhi evunyelwa izimo ukuba ikhonze noma kuphi lapho kunendingeko khona nenesimo sengqondo sokuthi: “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Ngaphezu kwalokho, kufanele kube sekuphele iminyaka emibili ishadile futhi ibe senkonzweni yesikhathi esigcwele okungenani iminyaka emibili ngaphandle kokuphazamiseka.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Uma lesi sikole sitholakala ensimini engaphansi kwegatsha lakini, kuyoba nomhlangano walabo abanesithakazelo sokuya kuso emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa. Ukwaziswa okwengeziwe kuyonikezwa kulo mhlangano.
ISikole SeBhayibheli SaseGileyadi
• Injongo: Ukuqeqesha amaphayona nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele ukuba zibe yizithunywa zevangeli.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga eziyisihlanu.
• Indawo: E-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York, e-U.S.A.
• Izimfuneko: Imibhangqwana eshadile osekuphele okungenani iminyaka emithathu ibhapathiziwe futhi ibe neminyaka ephakathi kwengu-21 nengu-38 lapho ifaka isicelo sokuqala. Kufanele ikwazi ukukhuluma isiNgisi, okungenani kufanele ibe neminyaka emibili ishadile futhi ibe senkonzweni yesikhathi esigcwele okungenani iminyaka emibili ngaphandle kokuphazamiseka. Abafaka isicelo kufanele babe yimiqemane. Amaphayona akhonza kwelinye izwe (ngisho nalawo abhekwa njengezithunywa zevangeli); ababonisi abajikelezayo; amalungu omkhaya waseBethel; nalabo abaphothule eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile, naseSikoleni SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristu bangasifaka isicelo uma behlangabezana nezimfuneko.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Emagatsheni athile, kuba nomhlangano walabo abafuna ukuya kulesi sikole phakathi nomhlangano wesigodi. Ukwaziswa okwengeziwe kutholakala kulo mhlangano. Uma ungabi khona lo mhlangano ezweni lakini kodwa ufisa ukufaka isicelo, ungase ubhalele ihhovisi legatsha lakini ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe.
ISikole Samalungu EKomiti Yegatsha Nomkawo
• Injongo: Ukusiza labo abakhonza emaKomitini Amagatsha ukuba bawenze kahle umsebenzi wokwengamela amakhaya aseBethel, ukunakekela izindaba eziphathelene nensimu ezithinta amabandla, ukwengamela izifunda nezigodi ezisensimini yabo, kuhlanganise nomsebenzi wokuhumusha, ukunyathelisa, ukuthumela izincwadi kanye nokwengamela iminyango ehlukahlukene.—Luka 12:48b.
• Ubude Besikhathi: Izinyanga ezimbili.
• Indawo: E-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York, e-U.S.A.
• Izimfuneko: Ukuba yiLungu LeKomiti Yegatsha noma LeKomiti Yezwe.
• Indlela Yokufaka Isicelo: Abazalwane abafanelekayo nomkabo bamenywa yiNdikimba Ebusayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Okwamanje lesi sikole asikabi khona kuwo wonke amazwe.
b Okwamanje lesi sikole asikabi khona kuwo wonke amazwe.
c Okwamanje lesi sikole asikabi khona kuwo wonke amazwe.
d Okwamanje lesi sikole asikabi khona kuwo wonke amazwe.