ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Injongo: Ukuqeqesha abamemezeli ukuba babe abashumayeli nabafundisi bezindaba ezinhle abaphumelelayo.
Ubude besikhathi: Siqhubeka njalo.
Indawo: EHholo LoMbuso lendawo.
Izimfuneko: Bonke abahlanganyela njalo nebandla, abavumelana nezimfundiso zeBhayibheli nabakuphila kwabo kuvumelana nezimiso zobuKristu.
Ukufaka isicelo: Abafundi babhaliswa umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
USharon, okhubazekile ngenxa yesifo sokuwohloka kwezinzwa nemisipha (ALS), uthi: “ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini singifundise ukucwaninga nokufundisa ngendlela enengqondo. Ngifunde nokugxila ezidingweni ezingokomoya zabanye—hhayi kwezami kuphela.”
U-Arnie, osekuyisikhathi eside ejikeleza, uthi: “Ngakhula nginamalimi futhi ngingakwazi ukubheka abantu emehlweni. Lesi sikole singisize ukuba ngibe nokuzethemba futhi ngibone ukuthi ngibalulekile. Esebenzisa lokhu kuqeqeshwa, uJehova uye wangisiza ukuba ngifunde izindlela zokuphefumula nokugxilisa ingqondo. Ngibonga kakhulu ngokuthi sengiyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ebandleni nasenkonzweni yami.”
ISikole Sabasanda Kufika EBethel
Injongo: Ukusiza abasanda kufika eBethel ukuba baphumelele enkonzweni yabo.
Ubude besikhathi: Imizuzu engu-45 isonto ngalinye kuze kuphele amasonto angu-16.
Indawo: EBethel.
Izimfuneko: Kumelwe ube yilungu lesikhathi esigcwele lomkhaya waseBethel noma ube umuntu ovunyelwe ukuvolontiya khona isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu.
Ukufaka isicelo: Wonke amalungu amasha omkhaya waseBethel ayabhaliswa kulesi sikole.
UDemetrius, owayekulesi sikole ngawo-1980, uthi: “Le mfundo yathuthukisa imikhuba yami yokutadisha futhi yasiza ekungilungiseleleni ukuba ngikhonze isikhathi eside eBethel. Abafundisayo, imfundo yakhona nezeluleko eziwusizo kwangiqinisekisa ngokuthi uJehova ungikhathalela ngothando nokuthi ufisa ukungisiza ukuba ngiphumelele enkonzweni yami yaseBethel.”
UKaitlyn uyaphawula: “Ngasizwa ukuba ngigxile entweni ebaluleke kakhulu—ukuba umuntu ongokomoya. ISikole Sabasanda Kufika siye sathuthukisa ukwazisa kwami ngoJehova, indlu yakhe nenhlangano yakhe.”
ISikole Senkonzo SoMbuso
Injongo: Ukuqeqesha ababonisi abajikelezayo, abadala, futhi ngezinye izikhathi nezinceku ezikhonzayo ukuba bakwazi ukuqondisa nokunakekela imisebenzi yenhlangano. (IzE. 20:28) Kudingidwa izimo nemikhuba yangaleso sikhathi nezidingo eziphuthumayo zamabandla. Lesi sikole siqhutshwa njalo ngemva kweminyaka embalwa ngokwesiqondiso seNdikimba Ebusayo.
Ubude besikhathi: Eminyakeni yamuva, lesi sikole besithatha izinsuku ezimbili kuya kwezimbili nengxenye kubabonisi abajikelezayo, usuku olulodwa nengxenye kubadala, kube olulodwa ezincekwini ezikhonzayo.
Indawo: Ngokuvamile siqhutshelwa eHholo LoMbuso noma eHholo Lomhlangano.
Izimfuneko: Kumelwe ube umbonisi ojikelezayo, umdala noma inceku ekhonzayo.
Ukufaka isicelo: Abadala nezinceku ezikhonzayo bamenywa umbonisi wesifunda. Ababonisi abajikelezayo bamenywa ihhovisi legatsha.
“Lesi sikole, nakuba sifundisa izinto eziningi ngesikhathi esifushane, sivuselela abadala futhi sibasize ukuba balondoloze injabulo futhi ‘baqhubeke njengamadoda’ enkonzweni kaJehova. Abadala abasanda kumiswa nasebenokuhlangenwe nakho bafunda ukwalusa ngendlela ephumelelayo futhi bahlangane ngokufanele ‘endleleni efanayo yokucabanga.’”—UQuinn (ngezansi).
“Lesi sikole sasinokulinganisela okuhle phakathi kokusinikeza ukuqonda okungokomoya, ukusixwayisa ngezingozi nokusinikeza amacebiso awusizo okunakekela umhlambi. Siyalwazisa usizo uJehova asinikeze lona ngomusa.”—UMichael.
ISikole Senkonzo Samaphayona
Injongo: Ukusiza amaphayona ukuba ‘ayifeze ngokugcwele inkonzo yawo.’—2 Thim. 4:5.
Ubude besikhathi: Amasonto amabili.
Indawo: Inqunywa yihhovisi legatsha; ngokuvamile kuba seHholo LoMbuso.
Izimfuneko: Kumelwe ube usunonyaka noma ngaphezulu uyiphayona elivamile.
Ukufaka isicelo: Amaphayona afanelekayo amenywa umbonisi wesifunda ukuba aye kulesi sikole.
“Lesi sikole siye sangisiza ngakwazi ukubhekana nezinselele enkonzweni nasekuphileni kwami,” kusho uLily (kwesokudla). “Indlela engitadisha, ngifundise futhi ngisebenzise ngayo iBhayibheli iye yathuthuka kakhulu. Sengikulungele kangcono ukusiza abanye, ukusekela abadala nokuba neqhaza ekukhuleni kwebandla.”
UBrenda, oseye kabili kulesi sikole, uyaphawula: “Sangenza ngagxila ngokuphelele ezintweni ezingokomoya, ngaqeqesha unembeza wami ngokwengeziwe, ngagxila nasekusizeni abanye. Kuyacaca ukuthi uJehova uyephana!”
ISikole Sabadala Bebandla
Injongo: Ukusiza abadala ukuba banakekele imithwalo yabo yemfanelo ebandleni futhi bajulise ingokomoya labo.
Ubude besikhathi: Izinsuku eziyisihlanu.
Indawo: Ihhovisi legatsha elinqumayo; ngokuvamile siba seHholo LoMbuso noma eHholo Lomhlangano.
Izimfuneko: Kumelwe ube ngumdala.
Ukufaka isicelo: Yihhovisi legatsha elimema abadala.
Nakhu ukuphawula kwabanye ababesekilasini lama-92 e-United States:
“Lesi sikole singizuzise kakhulu, sangisiza ukuba ngizihlole futhi ngibone ukuthi ngingazinakekela kanjani izimvu zikaJehova.”
“Sengikulungele ukuba okhuthaza nakakhulu kubo bonke ngokugcizelela amaphuzu ayinhloko emiBhalweni.”
“Ngiyokukhumbula ukuphila kwami konke lokhu kuqeqeshwa.”
ISikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabo
Injongo: Ukusiza ababonisi besifunda nabesigodi ukuba bawakhonze kangcono amabandla njengoba ‘besebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.’—1 Thim. 5: 17; 1 Pet. 5: 2, 3.
Ubude besikhathi: Izinyanga ezimbili.
Indawo: Inqunywa yihhovisi legatsha.
Izimfuneko: Umzalwane kumelwe abe ngumbonisi wesifunda noma wesigodi.
Ukufaka isicelo: Ababonisi abajikelezayo nomkabo bamenywa yihhovisi legatsha.
“Sasisiza ukuba sibazise kakhulu ubunhloko bukaJesu phezu kwenhlangano. Sasibonisa isidingo sokukhuthaza abazalwane esibakhonzayo nokuqinisa ubunye bebandla ngalinye. Le mfundo yagcizelela ezingqondweni zethu ukuthi nakuba umbonisi ojikelezayo enikeza izeluleko ngisho nokusola ngezinye izikhathi, umgomo wakhe oyinhloko ukusiza abazalwane babone ukuthi uJehova uyabathanda.”—UJoel, owayesekilasini lokuqala ngo-1999.
ISikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile
Injongo: Ukulungiselela abadala nezinceku ezikhonzayo abangashadile ukuba bathwale imithwalo eyengeziwe enhlanganweni kaJehova. Abaningi asebephothulile babelwa ukuyokhonza emazweni akubo, nomaphi lapho kunendingeko khona. Abanye bangabelwa kwamanye amazwe uma bengase bakwazi. Abanye bangakhonza njengamaphayona akhethekile esikhashana ukuze baqale futhi bandise umsebenzi ezindaweni eziqhelile nezingazodwa.
Ubude besikhathi: Izinyanga ezimbili.
Indawo: Inqunywa yihhovisi legatsha; ngokuvamile siba seHholo LoMbuso noma eHholo Lomhlangano.
Izimfuneko: Abazalwane abangashadile abaneminyaka ephakathi kwengu-23 nengu-62 abayimiqemane futhi abafuna ukukhonza nomaphi lapho kunendingeko enkulu khona. (Marku 10:29, 30) Kufanele babe sebekhonze njengamaphayona avamile okungenani iminyaka emibili futhi sebekhonze njengabadala noma izinceku ezikhonzayo iminyaka emibili elandelanayo.
Ukufaka isicelo: Kuba nomhlangano walabo abanesithakazelo emhlanganweni wesifunda ukuze bathole ukwaziswa ngalesi sikole.
“Ukugxila kulesi sikole kwavumela umoya kaJehova ukuba wenze izinguquko ekujuleni kwenhliziyo yami,” kusho uRick, owayesekilasini lama-23 e-United States. “Lapho uJehova ekunika isabelo, uyakusekela kuleso sabelo. Ngafunda ukuthi uma ngigxila ekwenzeni intando kaNkulunkulu, hhayi kimi, uzongiqinisa.”
“Ngafunda ukubheka inhlangano kaNkulunkulu njengeyisimangaliso sanamuhla,” kuphawula u-Andreas, okhonza eJalimane. “Lokhu kuqeqeshwa kwangilungiselela umsebenzi owawungilindele. Izibonelo eziningi eziseBhayibhelini nazo zangifundisa leli qiniso eliyisisekelo: Ukukhonza abafowethu noJehova kuletha injabulo yangempela.”
ISikole SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristu
Injongo: Ukunikeza imibhangqwana eshadile ukuqeqeshwa okukhethekile ukuze isetshenziswe ngokugcwele uJehova nenhlangano yakhe. Abaningi abazophothula kulesi sikole bazokwabelwa ukuba bakhonze lapho kunendingeko khona ezweni lakubo. Abanye bangabelwa kwelinye izwe uma bekwazi. Abanye bangase bakhonze njengamaphayona akhethekile esikhashana ukuze baqale futhi bandise umsebenzi ezindaweni eziqhelile nezingazodwa.
Ubude besikhathi: Izinyanga ezimbili.
Indawo: Lesi sikole siqhutshwa e-United States futhi kusukela ngo-September 2012, sizoqhutshwa nasensimini yamagatsha akhethiwe emhlabeni wonke, ngokuvamile eHholo LoMbuso noma eHholo Lomhlangano.
Izimfuneko: Imibhangqwana eshadile eneminyaka ephakathi kwengu-25 nengu-50 eyimiqemane, futhi evunyelwa izimo ukuba ikhonze noma kuphi lapho kunendingeko khona futhi enesimo sengqondo sokuthi “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Kumelwe kube sekuphele okungenani iminyaka emibili ishadile futhi ibe senkonzweni yesikhathi esigcwele okungenani iminyaka emibili ngaphandle kokuphazamiseka. Umzalwane kumelwe abe esekhonze njengomdala noma inceku ekhonzayo okungenani iminyaka emibili elandelanayo.
Ukufaka isicelo: Kuba nomhlangano walabo abanesithakazelo emhlanganweni wesigodi ukuze bathole ukwaziswa ngalesi sikole. Uma ungekho lo mhlangano emihlanganweni yesigodi ezweni lakini futhi uthanda ukufaka isicelo, ungabhalela ihhovisi legatsha ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe.
“Yeka ukuthi la masonto angu-8 akushintsha kanjani ukuphila kwemibhangqwana efuna ukwenza okuningi enkonzweni kaJehova futhi yeka ukuthi ayivulele ithuba elikhulu kangakanani lokwenza kanjalo! Sizimisele ukuphila ukuphila okunokulinganisela okuyosenza sikwazi ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha.”—U-Eric noCorina (ngezansi), bekilasi lokuqala ngo-2011.
I-Watchtower Bible School of Gilead
Injongo: Ukuqeqesha abafundi ukuze bakhonze njengezithunywa zevangeli ensimini enabantu abaningi, abanye njengababonisi abajikelezayo noma njengamalungu omkhaya waseBethel. Umgomo ukuqinisa nokusimamisa insimu nokuthuthukisa ukuhleleka emagatsheni.
Ubude besikhathi: Izinyanga ezinhlanu.
Indawo: E-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York, e-U.S.A.
Izimfuneko: Imibhangqwana eshadile esenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele—okungukuthi izithunywa zevangeli ezingakayi esikoleni, amaphayona akhethekile, ababonisi abajikelezayo noma amalungu omkhaya waseBethel. Kumelwe ibe isichithe okungenani iminyaka emithathu ngaphandle kokuphazamiseka ndawonye kule nkonzo ekhethekile. Kudingeka ikwazi ukukhuluma, ukufunda nokubhala isiNgisi kahle.
Ukufaka isicelo: Imibhangqwana ingacelwa yiKomiti Yegatsha ukuba ifake isicelo.
ULade noMonique base-United States manje bakhonza e-Afrika. “ISikole SaseGileyadi sasilungiselela ukuba siye nomaphi emhlabeni, sibhukule sisebenze nabafowethu abathandekayo,” kusho uLade.
UMonique uyanezela: “Njengoba ngisebenzisa lokho engikufunde eZwini likaNkulunkulu, ngithola injabulo enkulu esabelweni sami. Ngibheka leyo njabulo njengobufakazi obengeziwe bothando lukaJehova.”
ISikole Samalungu AmaKomiti Amagatsha Nomkawo
Injongo: Ukusiza labo abakhonza emaKomitini Amagatsha ukuba bengamele amakhaya aseBethel, banakekele izindaba eziphathelene nenkonzo ezithinta amabandla futhi bengamele izifunda nezigodi. Bafunda nezinto eziphathelene nokuhumusha, ukunyathelisa nokuthunyelwa kwezincwadi.
Ubude besikhathi: Izinyanga ezimbili.
Indawo: E-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York, e-U.S.A.
Izimfuneko: Umzalwane kumelwe abe yilungu leKomiti Yegatsha noma leKomiti Yezwe.
Ukufaka isicelo: Abazalwane nomkabo bamenywa yiNdikimba Ebusayo.
ULowell noCara, ababesekilasini lama-25, bakhonza eNigeria. “Ngakhunjuzwa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngimatasa kangakanani noma ngabelwe muphi umsebenzi, into esemqoka ekujabuliseni uJehova ukuba umuntu ongokomoya,” kusho uLowell. “Lezi zifundo zaphinde zagcizelela ukuthi indlela esiphatha ngayo abanye kufanele ilingise indlela uJehova abonisa ngayo uthando ezincekwini zakhe.”
UCara uyanezela: “Elinye iphuzu engiye ngazindla ngalo yileli: Uma ngehluleka ukubeka iphuzu elithile ngendlela elula, kudingeka ngiyitadishe leyo ndaba ngaphambi kokuzama ukuyifundisa abanye.”