Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo ezocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 25, 2011. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza okuyimizuzu engu-20 okusekelwe ekwazisweni kwezabelo zesonto lango-March 7 kuya ku-April 25, 2011.
1. “Izizwe eziningi zezwe zazithi zingamaJuda” ngamuphi umqondo? (Est. 8:17) [w06 3/1 k. 11 isig. 3]
2. Kungani uSathane avunyelwa ukuba angene phambi kukaJehova? (Jobe 1:6; 2:1) [w06 3/15 k. 13 isig. 6; it-2-E k. 16 isig. 4]
3. Usikiselani umbuzo kaSathane othi, “Ingabe uJobe umesabé ngeze yini uNkulunkulu?” (Jobe 1:9) [w94 11/15 k. 11 isig. 6]
4. Kungani ukwazi ukuthi uJehova “unenhliziyo ehlakaniphile futhi uqinile ngamandla” kusenza simethembe? (Jobe 9:4) [w07 5/15 k. 25 isig. 16; it-2-E k. 1190 isig. 3]
5. Amazwi ashiwo u-Elifazi athi umuntu uphuza “ukungalungi njengokungathi amanzi nje,” akubonisa ngayiphi indlela ukucabanga kukaSathane? (Jobe 15:16) [w10 2/15 k. 20 izig. 1-2]
6. Yini esingayifunda ekukhaleni kabuhlungu kukaJobe okulotshwe kuJobe 19:2? [w94 10/1 k. 32 izig. 1-5]
7. Yini eyasiza uJobe ukuba agcine ubuqotho bakhe? (Jobe 27:5) [w09 4/15 k. 6 isig. 17]
8. Singamlingisa kanjani uJobe lapho abanye beswele? (Jobe 29:12, 13) [w02 5/15 k. 22 isig. 19; w94 9/15 k. 24 isig. 2]
9. Iseluleko sika-Elihu sasihluke kanjani kuleso sabanye abangane bakaJobe abathathu? (Jobe 33:1, 6) [w95 2/15 k. 29 isig. 3]
10. Kufanele kusithinte kanjani ukuzindla ngemisebenzi kaJehova emangalisayo? (Jobe 37:14) [w06 3/15 k. 16 isig. 4]