Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/10 kk. 5-6
  • Singabasiza Yini Abangakholwa Abashade Nabakholwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singabasiza Yini Abangakholwa Abashade Nabakholwayo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhaya Ohlukene Ngokwenkolo Ungaba Nayo Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ningazibopheli Ejokeni Linye Nabangakholwayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Bhekana Nenselele Yokufakaza Kubantu Besilisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 11/10 kk. 5-6

Singabasiza Yini Abangakholwa Abashade Nabakholwayo?

1. Kungani kungewona kuphela amaKristu ahlala emkhayeni ohlukene ngokwenkolo anesifiso sokusiza abangakholwa ashade nabo?

1 Ingabe abanye ebandleni lakini banabayeni noma amakhosikazi angakholwa? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi labo bamemezeli banesifiso sokuba abashade nabo bahlanganyele nabo ekukhulekeni kweqiniso. Kodwa akubona bodwa abanaleso sifiso. Lonke ibandla libonakalisa isifiso sikaNkulunkulu sokuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Singabasiza kanjani abangakholwa abashade nabamemezeli esinabo ebandleni?

2. Ukuba nokuqonda kuyosisiza kanjani ekusizeni ongakholwa oshade nomKristu?

2 Okokuqala, kufanele sizame ukubona izinto ngeso longakholwa. Abantu abaningi abangakholwa abashade namaKristu bayayithanda imikhaya yabo futhi bayazama ukuba abayeni, amakhosikazi nabazali abahle. Kungenzeka ukuthi banamathele ngobuqotho ezinkolelweni ezingafani nezethu. Mhlawumbe bazi okuncane kakhulu ngoFakazi BakaJehova ngaphandle kwalokho abakutshelwa abangane babo abangenalwazi nabasicwasayo. Abanye kuyabathukuthelisa ukuthi abashade nabo sebesebenzisa isikhathi ababevame ukusichitha nemikhaya yabo ukuze bakhulekele. Ukuqonda kuyosisiza simphathe ngomusa nangenhlonipho ongakholwa futhi sigweme ukuba novalo ngokungadingekile uma sinaye.—IzAga 16:20-23.

3. Iyiphi indlela engaba ngcono kakhulu yokuzuza ongakholwa?

3 Bonisa Ukumkhathalela: Indlela yokuqala engcono kakhulu yokuzuza ongakholwa ukuba amukele iqiniso, izenzo zethu hhayi ingxoxo yeBhayibheli. (1 Pet. 3:1, 2) Okubalulekile kulesi sici ukumbonisa ukuthi unesifiso sokumazi. Ebandleni, odade bangabonisa isithakazelo kowesifazane oshade nomKristu, abazalwane nabo benze okufanayo kumyeni ongakholwa. Kanjani?

4. Singambonisa kanjani ongakholwa ukuthi siyamkhathalela?

4 Uma ungakaze ubonane nongakholwa oshade nomKristu, mhla-wumbe ungenza kanjalo ngemva kokuba usuxoxe nomkakhe noma umyeni ongumKristu. Ungadumali uma ongakholwa engakunaki ekuqaleni. Ukuba kwethu nobungane nokubabonisa isithakazelo kungabenza baqale ukubabheka kahle oFakazi BakaJehova. (Roma 12:20) Amanye amaKristu avuthiwe aye amemela ongakholwa nomkhaya wakhe esidlweni sakusihlwa, ukuze ajwayelane naye futhi asuse noma yikuphi ukucwasa okungenzeka kukhona. Bayaye bakhulume ngezinto azithandayo esikhundleni sokuphoqelela ukuba kuxoxwe ngezinto ezingokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho ongakholwa esekhululeke kakhudlwana, kungase kuxoxwe ngemiBhalo. Kanti angase avume uma emenyelwa emihlanganweni ukuze abone ukuthi umkakhe ufundani, ikakhulu njengoba sekunabathile abaziyo ebandleni. Ngisho noma engakakulungeli ukufunda iqiniso, angatuswa ngokusekela kwakhe owakwakhe ongumKristu.

5. Abadala bangasibonisa kanjani isithakazelo kongakholwa?

5 Abadala ikakhulukazi kufanele babe nesithakazelo kulowo ongakholwa futhi baphaphamele amathuba okufakaza. Ongakholwa obengakwamukeli ukuxoxa ngeBhayibheli angase asilalele isikhuthazo esingokomBhalo lapho esesibhedlela noma ebhekene nezinkinga ezinkulu zempilo. Uma umkhaya ohlukene ngokwenkolo ubhekene nesimo esingesihle njengokufelwa, abadala bangase bacele ukuba ongakholwa abe khona lapho beduduza umndeni.

6. Yiziphi izizathu esinazo zokubonisa isithakazelo kongakholwa oshade nomKristu?

6 Cabanga ngenjabulo eyotholwa umKristu oyilungu lebandla uma lowo ashade naye esabela kahle futhi amukele iqiniso! Isikhathi esinjalo esijabulisayo siletha nenjabulo kuJehova, izingelosi nakulo lonke ibandla. (Luka 15:7, 10) Kodwa, uma ongakholwa engasabeli ekuqaleni, singajabula ngemizamo yethu eqhubekayo yokujabulisa uJehova, ‘ongafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ofisa ukuba bonke baphenduke.’—2 Pet. 3:9.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Indlela yokuqala engcono kakhulu yokuzuza ongakholwa ukuba amukele iqiniso, izenzo zethu hhayi ingxoxo yeBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela