ISimiso Sesonto Lika-November 29
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 29
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 6-9
No. 1: 2 IziKronike 6:12-21
No. 2: Kungani OFakazi BakaJehova Beshushiswa? (rs k. 214 ¶1-2)
No. 3: Izindlela ‘Esingaqhubeka Ngazo Sinqoba Okubi Ngokuhle’ (Roma 12:21)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: “Ukuzindla Nokuthandaza—Kubalulekile Ezikhonzini Ezishisekayo.” Imibuzo nezimpendulo. Cela izilaleli zisho ukuthi zizindla ngasiphi isikhathi.
10 imiz: ‘Masinikele Umnikelo KaJehova.’ Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 2010, amakhasi 20-21.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Ngo-December. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu owodwa noma emibili ukuze uphawule ngezinto ezikulab’ omagazini. Yibe usukhetha izihloko ezimbili noma ezintathu, ucele izilaleli zisikisele imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa lapho behanjiswa. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.