Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda October 1
“Abaningi bayazibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu unendaba yini nezinto ezisikhathazayo nezinsizi esibhekana nazo. Wena ucabangani? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 34:18.] Isihloko esiqala ekhasini 19 sikhuluma ngendlela uNkulunkulu asisiza ngayo ukuze sinqobe imizwa engafanele njengokuzinyeza, ukudabuka ngokweqile nomuzwa wecala odlulele.”
Phaphama! October
“Abanye babheka uNkulunkulu njengamandla nje. Abanye bambheka njengomuntu onemizwelo. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] Phawula leli phuzu elithakazelisayo [Funda u-1 Petru 5:6, 7.] Isihloko esiqala ekhasini 29 sinikeza impendulo yeBhayibheli yombuzo othi, Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?”
INqabayokulinda November 1
“Sonke sifuna ukuzizwa sanelisekile. Ucabanga ukuthi kufanele sibe nemali ukuze saneliseke? [Lindela impendulo.] Omunye umlobi weBhayibheli wafunda ukwaneliseka nakuba ayeswele. [Funda eyabaseFilipi 4:11, 12.] Lo magazini unikeza izimfihlo ezinhlanu zokwaneliseka ezitholakala eBhayibhelini.”
Phaphama! November
“Abathile abangakholelwa kuNkulunkulu babhekisela ezintweni ezimbi ezenziwa ngegama likaNkulunkulu futhi banomuzwa wokuthi umhlaba ubungaba ngcono ngaphandle kwenkolo. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Nasi esinye isizathu esenza inkolo yamanga ibangele ukuhlupheka. [Funda u-2 Thimothewu 4:3, 4.] Lo magazini ubonisa amaphutha athile endleleni yokucabanga yabantu abangakholelwa kuNkulunkulu.”