Uma Udinga Izincwadi Zolimi Lwakwelinye Izwe Ngokushesha
Ngezinye izikhathi sihlangana nabantu abangathanda ukufunda izincwadi zethu ngolimi lwakwelinye izwe ezingatholakali ebandleni lakithi. Ingabe bewazi ukuthi uma une-Internet nomshini wokunyathelisa, ungakwazi ukuzinyathelisela izincwadi ngezilimi ezingaba ngu-400? Nansi indlela yokukwenza:
• Yiya engosini yethu esemthethweni ethi, www.watchtower.org.
• Ngakwesokudla ekhasini lokuqala kunohlu lwezinye zezilimi ezitholakalayo. Chofoza embulungeni eyibalazwe lomhlaba ukuze ubone uhlu lwazo zonke izilimi ezikhona.
• Khetha ulimi olufunayo. Kuzovela ikhasi elibonisa izincwadi ongazinyathelisa njengamapheshana, izincwajana nezihloko. Njengoba leli khasi libhalwe ngolimi olukhethile, ungakhathazeki uma ungaziqondi izihloko.
• Khetha lokho okufunayo. Lokho okufunayo kuzovela emshinini khona-ke ungakwazi ukukunyathelisa usebenzisa indlela yokunyathelisa echaziwe.
Ingosi yethu inezincwadi ezimbalwa kuphela; izincwadi ezengeziwe ziyatholakala ebandleni. (Izincwadi ezilungiselelwe oFakazi ngokuyinhloko njenge-Nqabayokulinda efundwayo, zingatholakala engosini ethi jw.org ngezilimi ezihlukahlukene.) Uma usuqiniseka ukuthi umuntu unesithakazelo, kungcono ukucela izincwadi ebandleni.