Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/10 k. 3
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 10/10 k. 3

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 25, 2010. Umbonisi wesikole uyoqhuba ukubukeza kwemizuzu engu-20 okusekelwe ekwazisweni kwezabelo eziqala ngesonto lika-September 6 kuya ku-October 25, 2010.

1. Isiphi isifundo esingasithola ngokuhlola ukuphila kweNkosi u-Azariya (u-Uziya)? (2 AmaKh. 15:1-6) [w91 7/15 kk. 29-30]

2. Njengoba inkosi yakwaJuda uJothamu kuthiwa yabusa iminyaka engu-16 kuphela, kungani eyesi-2 AmaKhosi 15:30 ibhekisela ‘onyakeni wamashumi amabili’ wokubusa kwayo? (2 IziKr. 27:7, 8) [it-2 k. 119 isig. 5]

3. Ayengobani “amaSamariya” okukhulunywa ngawo kweyesi-2 AmaKhosi 17:29? [it-2 k. 847 isig. 7]

4. Kungani kuthiwa uJehova ‘wakha’ injongo yakhe? (2 AmaKh. 19:25) [w99 8/15 k. 14 isig. 3]

5. Incwadi yesi-2 AmaKhosi 25:8, 25, 26 ikuchaza kanjani ngokunembile ukuqala kokugcwaliseka kweminyaka engamashumi ayisikhombisa iJerusalema elaliyoba incithakalo ngayo? [it-1 k. 415 isig. 6–k. 416 izig. 1-2; k. 463 isig. 4]

6. Kungani eyoku-1 Samuweli 16:10, 11 ithi uDavide wayeyindodana kaJese yesishiyagalombili kanti u-Ezra uthi wayengeyesikhombisa? (1 IziKr. 2:15) [w02 9/15 k. 31]

7. Singasilingisa kanjani isibonelo sabaseGileyadi basendulo? (1 IziKr. 5:10, 18-22) [w05 10/1 k. 9 isig. 7]

8. Yisiphi isifundo esingasifunda kubalindisango abangamaLevi? (1 IziKr. 9:26, 27) [w05 10/1 k. 9 isig. 8]

9. Kwakubaluleke kangakanani ukuhlabelela kwa-Israyeli wasendulo? (1 IziKr. 9:33) [it-2 k. 452 isig. 9]

10. Yini eyayiyimbi endleleni uDavide asabela ngayo echazwe kweyoku-1 IziKronike 13:11? [w05 10/1 k. 11]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela