‘Dlulisela Umphefumulo Wakho’ Kofunda Nabo IBhayibheli
1. Yini edingekayo ukuze sisize esifunda nabo iBhayibheli?
1 Ukuze usize ofunda naye iBhayibheli kuze kube seqophelweni lokuzinikezela, kuningi okudingekayo kunokumqhubela isifundo seBhayibheli njalo. Umphostoli uPawulu waqhathanisa ubuhlobo bakhe nalabo ayebafundisa nobukamama onakekela abantwana bakhe abayigugu. Nathi siyajabula ukudlulisela ‘imiphefumulo yethu’ ukuze sisize esibafundelayo bakhule ngokomoya.—1 Thes. 2:7-9.
2. Kungani kufanele sibonise isithakazelo kwesifunda nabo, futhi lokhu kungenziwa kanjani?
2 Yiba Nesithakazelo Kubo: Njengoba ofunda naye iBhayibheli ekusebenzisa akufundayo, unembeza wakhe uyomshukumisela ukuba anqamule ubungane obuseduze nalabo abangaphili ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. (1 Pet. 4:4) Umkhaya wakhe ungase umlahle. (Math. 10:34-36) Singasiza ekugcwaliseni lesi sikhala esingokomzwelo ngokumbonisa isithakazelo esifudumele. Esinye isithunywa sevangeli esinokuhlangenwe nakho sisikisela ukuthi: “Ungasheshi uhambe ngemva kokuqeda ukufunda. Uma kufaneleka, hlala nithi ukuxoxa okwesikhashana.” Kulungele ukunika ofunda naye usizo oludingekayo. Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukumshayela ucingo noma umvakashele lapho egula? Ungahlala yini naye phakathi nemihlangano futhi umsize ngezingane zakhe, uma kufanele?
3. Singamsiza kanjani esifunda naye iBhayibheli ukuba athole isikhuthazo ebandleni?
3 Usizo Oluvela Ebandleni: Lapho ushumayela ensimini eseduze nekhaya lalowo ofunda naye, mhlawumbe ungase umvakashele okwesikhashana ukuze umazise kwamanye amaKristu. Lapho kufaneleka, ngezinye izikhathi cela abamemezeli abehlukahlukene, kuhlanganise nabadala, ukuba bahambe nawe lapho uyoqhuba isifundo. Ngokushesha ngemva kokuqala isifundo, khuthaza ofunda naye iBhayibheli ukuba abe khona emhlanganweni eHholo LoMbuso. Lokhu kuyokwenza ukuba akwazi ukujabulela ubudlelwano obakhayo namalungu ebandla angase abe umkhaya wakhe ongokomoya.—Marku 10:29, 30; Heb. 10:24, 25.
4. Kungavuzwa kanjani ukuzimisela kwethu?
4 Umzali osiza izingane zakhe ngokomoya ngokungakhathali ujabula kakhulu lapho zimelela uJehova futhi zihamba eqinisweni. (3 Joh. 4) Singathola injabulo efanayo lapho sidlulisela imiphefumulo yethu ukuze sisize esifunda nabo iBhayibheli.