Shumayela Ngaphandle Kokuyekethisa
1 Ngezinye izikhathi, singase sibe nomuzwa wokuthi insimu yethu isiphindaphindwe kaningi futhi isisetshenzwé ngokuphelele kodwa abantu abasabeli. Kodwa kunezizathu ezisishukumisela ukuba siqhubeke sishumayela.—Math. 28:19, 20.
2 Ngenjongo Yobufakazi: UJesu wabikezela ukuthi ukushumayela ngoMbuso kwakuyoba ingxenye ebalulekile yesibonakaliso esiyinhlanganisela ‘sesiphelo sesimiso sezinto’ nokuthi kwakuyokwenziwa “ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:3, 14) Lapho abantu besibona sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, banikezwa ubufakazi obunamandla. Lapho sesihambile kuleyo ndawo, abanye abantu bangase bachithe amahora noma izinsuku bekhuluma ngokubahambela kwethu, ngisho noma bengasilalelanga isigijimi. Ukuqonda izizathu zokuthi kungani senza inkonzo yethu kusisiza ukuba sibekezele. Sijabulisa uJehova ngokuhlanganyela ekugcwaliseni isiprofetho seBhayibheli ngokunikeza ubufakazi nangokusakaza isigijimi esiyisixwayiso.—2 Thes. 1:6-9.
3 Kudingeka Ukubekezela: Kudingeka sibekezele lapho sizama ukuvusa isithakazelo sabantu ngenxa yokuthi kuneziphazamiso eziningi nezinto ezidla isikhathi sabo. Owesifazane othile wahanjelwa unyaka wonke ngaphambi kokuba anqume ukungenisa oFakazi kwakhe bazoxoxa ngeBhayibheli. Wakuthanda akuzwa kangangokuba wamukela isifundo seBhayibheli, waqala ukuya emihlanganweni, futhi ngokushesha wazwakalisa isifiso sokubhapathizwa.
4 Izimo zezwe zishintsha ngokushesha, ngokufanayo nabantu. Abaningi abebengasamukeli lapho sibahambele ngaphambili manje bamukela ithemba eliqabulayo esibatshela ngalo. Uma umuntu oyedwa vó esamukela isigijimi soMbuso, lokhu kuyobe kuwumvuzo omuhle wokubekezela kwethu.
5 Emhlabeni wonke, bayanda abantu ‘ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwayo.’ (Hez. 9:4) Izithelo zoMbuso zibonisa ukuthi labo abathambekele ekulungeni bayasamukela isigijimi soMbuso. (Isaya 2:2, 3) Ngakho-ke, masiqhubekeni sishumayela ngaphandle kokuyekethisa sibekezela ngothando ‘ekuletheni izindaba ezinhle zokuthile okungcono.’—Isaya 52:7; IzE. 5:42.