Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/08 kk. 3-4
  • ‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yilokhu Engathunyelwa Kona”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • Inkonzo Ephumelelayo Eholela Kubafundi Abengeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 4/08 kk. 3-4

‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’

1. Singaba kanjani yizikhonzi eziphumelelayo?

1 UJesu akazange afunde ezikoleni zorabi, kodwa waba yiSikhonzi esivelele kunazo zonke emlandweni. Kuyabulisa ukuthi umlando olotshiwe wenkonzo kaJesu uye walondolozwa ukuze usizuzise. Ukuze sibe izikhonzi eziphumelelayo kufanele ‘silandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 Pet. 2:21.

2. Yini eyosisiza ukuba sihlakulele uthando olufana nolukaKristu ngabantu?

2 Bonisa Uthando Ngabantu: UJesu wayeshukunyiswa uthando nokubakhathalela abantu. (Marku 6:30-34) Abaningi ensimini yethu ‘basezinhlungwini’ futhi balidinga kakhulu iqiniso. (Roma 8:22) Ukucabanga kwethu ngesimo sabo esibucayi nangendlela uJehova abathanda ngayo kuyosishukumisela ukuba siqhubeke sishumayela. (2 Pet. 3:9) Ngaphezu kwalokho, abantu bayosabela kahle esigijimini sethu uma bebona ukuthi siyabakhathalela ngempela.

3. Yiziphi izikhathi uJesu ashumayela ngazo kwabanye?

3 Ngaso Sonke Isikhathi Khuluma Lapho Kuvela Ithuba: UJesu wawasebenzisa wonke amathuba okuhlanganyela nabanye izindaba ezinhle. (Math. 4:23; 9:9; Joh. 4:7-10) Ngokufanayo, sifuna ukukulungela kahle ukufakaza ngeqiniso ekuphileni okuvamile kwansuku zonke. Abanye bahlala bephethe iBhayibheli nezincwadi ukuze bashumayele emsebenzini, esikoleni, endleleni, lapho beyothenga ezitolo nakwezinye izindawo.

4. Singawenza kanjani uMbuso ube yisihloko sokushumayela kwethu?

4 Gxila EMbusweni: Izindaba ezinhle zoMbuso zaziwumgogodla wokushumayela kukaJesu. (Luka 4:43) Nakuba izintshumayelo zethu zingase zingasheshi zikhulume ngokuqondile ngoMbuso, sikugcina engqondweni ukusiza umninikhaya ukuba asibone isidingo sawo. Ngisho nalapho sibalula izimo ezimbi ezibonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina, ngokuyinhloko ‘simemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle.’—Roma 10:15.

5. Ukuze siphumelele enkonzweni yethu, iyiphi indima okufanele ifezwe iBhayibheli?

5 Thembela EZwini LikaNkulunkulu: Kuyo yonke inkonzo yakhe uJesu wathembela emiBhalweni. Akafundisanga lutho olungolwakhe. (Joh. 7:16, 18) Wazondla ngeZwi likaNkulunkulu futhi walisebenzisa kuye lapho ehlaselwa uSathane. (Math. 4:1-4) Ukuze sikwazi ukufundisa abanye ngokuphumelelayo, kufanele sifunde iBhayibheli nsuku zonke futhi silisebenzise kithi siqu. (Roma 2:21) Lapho siphendula imibuzo enkonzweni, kufanele lokho esikushoyo kusekelwe emiBhalweni futhi silifunde ngokoqobo iBhayibheli noma nini lapho kunokwenzeka. Sifuna ukuba umninikhaya abone ukuthi asivezi imibono yethu kodwa sinamathela emicabangweni kaNkulunkulu.

6. Yini eyenziwa uJesu ukuze afinyelele izinhliziyo zezilaleli zakhe?

6 Finyelela Inhliziyo Lapho Ufundisa: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Joh. 7:46) Kwasho izikhonzi zikhuluma ngoJesu lapho abapristi abakhulu nabaFarisi bebuza ukuthi kungani zehlulekile ukumbopha. Kunokuveza amaqiniso nje kuphela, uJesu wafundisa ngendlela efinyelela izinhliziyo zalabo ayebafundisa. (Luka 24:32) Wasebenzisa imifanekiso yezimo zokuphila ezivamile ukuze abenze baqonde isigijimi sakhe. (Math. 13:34) Akazange agxishe izilaleli zakhe ngolwazi oluningi. (Joh. 16:12) Waphakamisa uJehova kakhulu kunokuba aziphakamise yena. NjengoJesu, singaba abafundisi abaphumelelayo ngokuziqaphela ‘njalo thina nokufundisa kwethu.’—1 Thim. 4:16.

7. Kungani uJesu aphikelela enkonzweni?

7 Phikelela Naphezu Kokuphikiswa Nokunganaki: Nakuba uJesu enza izibonakaliso ezinkulu, abantu abaningi abamlalelanga. (Luka 10:13) Ngisho namalungu omkhaya wakubo ayecabanga ukuthi “uyahlanya.” (Marku 3:21) Noma kunjalo, waphikelela. Wazigcina enesimo esihle sengqondo ngenxa yokuthi wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi uphethe iqiniso elalingakhulula abantu. (Joh. 8:32) Ngosizo lukaJehova, nathi sizimisele ukuba singayeki.—2 Kor. 4:1.

8, 9. Singamlingisa kanjani uJesu ekuzideleni ngenxa yezindaba ezinhle?

8 Zidele Ukuze Uhlanganyele Ngokugcwele: UJesu wadela ukunethezeka okulethwa izinto ezibonakalayo ukuze afeze inkonzo. (Math. 8:20) Washumayela ngokungakhathali, ngezinye izikhathi ngisho nasebusuku. (Marku 6:35, 36) UJesu wayazi ukuthi unesikhathi esifushane sokufeza umsebenzi. Njengoba “isikhathi esisele sinciphile,” nathi kufanele sidele isikhathi sethu, amandla nezinto ezibonakalayo silingise uJesu.—1 Kor. 7:29-31.

9 AmaKristu ekhulu lokuqala aba yizikhonzi eziphumelelayo ngenxa yokuthi afunda kuJesu. (IzE. 4:13) Nathi singayifeza ngokugcwele inkonzo yethu uma silingisa iSikhonzi esikhulu kunazo zonke emlandweni.—2 Thim. 4:5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela