Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 28, 2008. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-March 3 kuya ku-April 28, 2008.
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kungani kubalulekile ukusekela izinkulumo zethu ekwazisweni esikwabelwe, futhi lokhu singakwenza kanjani? [be-ZU k. 234 isig. 1–k. 235 isig. 1]
2. Kungani imibuzo ibaluleke kakhulu lapho sifundisa? [be-ZU k. 236 izig. 1-5]
3. Imibuzo ingazisiza kanjani izilaleli zethu ukuba zicabange ngendaba? [be-ZU k. 237 isig. 3–k. 238 isig. 2]
4. Lapho sifundisa, kungani ukusebenzisa imibuzo ngekhono kubalulekile ukuze senze umuntu aveze imizwa yakhe? (IzAga 20:5; Math. 16:13-16; Joh. 11:26) [be-ZU k. 238 izig. 4-6]
5. Kusiza ngani ukusebenzisa iziqhathaniso lapho sifundisa? (Gen. 22:17; Jer. 13:11) [be-ZU k. 240 izig. 1-3]
ISABELO NO. 1
6. Iziphi ezinye zezimiso eziqondisayo ezigcizelelwe encwadini kaMarku eziyosisiza ukuba sithole ukuphila eMbusweni kaNkulunkulu? [si-ZU k. 186 isig. 32]
7. Umoya ongcwele uzisiza kanjani izinceku zikaNkulunkulu namuhla? (Joh. 14:25, 26) [be-ZU k. 19 izig. 2-3]
8. Iyiphi inzuzo yokufunda enkulu kunazo zonke? [be-ZU k. 21 isig. 3]
9. Ukutadisha kuhilelani? [be-ZU k. 27 isig. 3–k. 28 isig. 1]
10. IVangeli likaLuka likwakha kanjani ukuqiniseka ngokuthi imiBhalo YesiHebheru iphefumulelwe uNkulunkulu? [si-ZU k. 192 izig. 30-1]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kungani uJesu akhuza umuntu othile owambiza ngokuthi “Mfundisi Omuhle”? (Marku 10:17, 18) [w08-ZU 2/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaMarku”]
12. UJesu wasebenzisa umkhiwane ukuze abonise liphi iphuzu ngesizwe sakwa-Israyeli? (Marku 11:12-14, 20, 21) [w03-ZU 5/15 k. 26 izig. 2-3]
13. Yayibonisani inkulumo eyasetshenziswa ingelosi uGabriyeli lapho ithi uMariya “uzokhulelwa” ngenxa yokwehlela komoya ongcwele kaNkulunkulu phezu kwakhe nokusitshekelwa amandla aKhe? (Luka 1:30, 31, 34, 35) [w08-ZU 3/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaLuka”; it-2 k. 56 isig. 2]
14. Ingabe abafundi bakaJesu ngempela babenza lokho ‘umthetho owawungakuvumeli ngeSabatha’? (Luka 6:1, 2) [gt-ZU 31]
15. Isiphi isifundo okufanele sifundwe eselulekweni uJesu asinikeza uMarta? (Luka 10:40-42) [w99-ZU 9/1 k. 31]