Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/07 k. 4
  • Ungabi Madolonzima!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungabi Madolonzima!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—U-Amose
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-30—UAmose
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ukuwa Kwesizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 11/07 k. 4

Ungabi Madolonzima!

1. Iyiphi indlela ‘esingabagodleli ngayo okuhle’ abanye?

1 Ngokuhlanganyela ngenkuthalo ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ‘asibagodleli okuhle’ labo abasensimini esiyabelwe. (IzAga 3:27) Asikho esinye isigijimi esingcono esingasihlanganyela nabantu kunaleso esikhuluma ngezikhathi ezimnandi ezizolethwa ukubusa kukaNkulunkulu. Nakuba kungenzeka ukuthi uyaxoxa impela nabanye ngethemba loMbuso ngokushumayela ngokwethukela noma ngokuhambisa izincwadi, kungani ungazenzeli umgomo wokuqhuba isifundo seBhayibheli, uma singekho osiqhubayo kwamanje?

2. Yini engase isenze sibe madolonzima ukuqala isifundo seBhayibheli?

2 Ngezinye izikhathi, isithiyo esikhulu kunazo zonke ekuqhubeni isifundo seBhayibheli yindlela esizizwa ngayo ngale ndaba. Abanye bamadolonzima ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ngenxa yokungazethembi noma ngenxa yokuthi bamatasa kakhulu. Ukusikisela okulandelayo kungase kukusize lapho uzizwa umadolonzima ukuqhuba isifundo seBhayibheli.—Math. 28:19; IzE. 20:20.

3. Kungani sikufanelekela ukufundisa iBhayibheli?

3 Ukungazethembi: Kungenzeka ukuthi awufundanga ukuyaphi noma ngasizathu simbe awulethembi ikhono lakho lokuqhuba isifundo seBhayibheli. Ekhulwini lokuqala, izikhonzi ezingamaKristu ezaziphumelela ‘zazingafundile futhi zingabantu abavamile.’ Yini eyazisiza zakwazi ukufundisa abanye iqiniso? Zazivame ‘ukuba noJesu.’ (IzE. 4:13) Zafunda kuMfundisi Omkhulu, uJesu, esiye sagcinelwa izimfundiso nezindlela zakhe zokufundisa emiBhalweni. Ngisho noma ungafundile kangako, imfundo engokomoya oyitholayo ayinakuqhathaniswa.—Isaya 50:4; 2 Kor. 3:5.

4. Yini esingayifunda esibonelweni sika-Amose?

4 Ngezinye izikhathi uJehova wasebenzisa abaprofethi ukuze asole ababusi noma abanye ababesezikhundleni eziphakeme ababephambuka. Abanye, abanjengo-Amose, babengabantu abaphansi. U-Amose wavuma: “Ngangingeyena umprofethi, futhi ngingeyona nendodana yomprofethi; kodwa ngangingumalusi nomqhumbuzi wamakhiwane emisikhamori.” (Amose 7:14) Noma kunjalo, u-Amose akazange abe madolonzima ukuhambisa isigijimi sikaJehova sokwahlulela ku-Amaziya, umpristi owayekhulekela ithole. (Amose 7:16, 17) Kumelwe sikhumbule njalo ukuthi senza umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi uyosenza siwufanelekele ngokwanele umsebenzi okumelwe siwenze.—2 Thim. 3:17.

5. Kungani kufanele silwele ukuqala isifundo seBhayibheli ngisho noma ukuphila kwethu kumatasa?

5 Ukuphila Okumatasa: Ngisho noma ukuphila kwakho kumatasa, cishe uye wazibekela isikhathi sokuhlanganyela njalo enkonzweni. Ukuqhuba isifundo seBhayibheli kungaba esinye sezici zenkonzo esijabulisa kakhulu. Kuyilungelo ukubona iZwi likaJehova liguqula ukuphila komuntu. (Heb. 4:12) UJehova uyajabula lapho sizidela ukuze sisize othile ukuba ‘afinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Ngisho nezingelosi ziyajabula lapho othile eshiya indlela embi abephila ngayo abese ethuthuka ngokomoya.—Luka 15:10.

6. Iliphi ilungelo esinalo ngokwenza intando kaNkulunkulu?

6 ‘Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Yeka ukuthi sinendima ekhetheke kangakanani yokwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, singazigodli ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela