ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 9
INgoma 4
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 15 ne-Phaphama! ka-July.
15 imiz: Xoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe. Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Bukeza incwadi ekhuluma ngensimu engabelwe yango-May 15, 2007, izincwadi ezizohanjiswa, izinsuku okuzoyiwa ngazo, indawo ezosetshenzwa, izindawo zokulala namalungiselelo ezinto zokuhamba. Ingabe abathile bangaba amaphayona asizayo? Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo.
20 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Kumelwe isingathwe umdala. Funda futhi uxoxe ngaso sonke isihloko. Hlanganisa namaphuzu akuyi-Phaphama! ka-June 8, 2005, amakhasi 29-30, esihlokwaneni esithi “Ingozi Yokukhohliswa Nokufihlelwa,” nesithi “Ukukhetha Ukubonana Ubuso Nobuso Kunokusebenzisa I-Internet.”
INgoma 91 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 16
INgoma 16
10 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: Ukulondoloza Ukuthula Nokuhlanzeka Kwebandla. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, kusukela ekhasini 144 kuya esihlokwaneni esisekhasini 150.
15 imiz: “Izinguquko Ezithakazelisayo Kuyi-Nqabayokulinda!”a
INgoma 189 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 23
INgoma 133
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nencwadi ebonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 1 ne-Phaphama! ka-August.
20 imiz: Ngenisanani. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2005, amakhasi 21-3. Xoxa kafushane nommemezeli oyedwa noma ababili abanedumela lokungenisa izihambi. Baye bazama kanjani ukubonisa umoya wokungenisa izihambi? Iziphi izibusiso bona nemikhaya yabo abaye bazithola?
15 imiz: Ukulungiselela Izingeniso Eziphumelelayo. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukubonisana, ikhasi 9, izigaba 1-2. Hlanganisa nemiboniso emibili ebonisa indlela yokuhambisa incwajana ezohanjiswa ngo-August.
INgoma 61 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 30
INgoma 200
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-July.
15 imiz: Ukuzidela Kuletha Isibusiso SikaJehova. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 2005, amakhasi 8-9.
20 imiz: “Uyajabula Umuntu Oqhubeka Ekhuthazelela Ukulingwa”b Lapho nixoxa ngesigaba 3, cela izilaleli ukuba zisho indlela ukholo oluqinile olwazisiza ngayo lapho ukulingwa kufika kungazelelwe. Ungahlela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili balandise.
INgoma 13 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 6
INgoma 106
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: Yini Eletha Injabulo Yangempela? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2006, amakhasi 28-9, izigaba 11-12. Xoxa kafushane nomuntu oye wakhetha ukugxilisa ukuphila kwakhe enkonzweni kunokuphishekela izinjabulo noma umsebenzi wokuziphilisa. Yini eyamenza ukuba aphishekele imigomo engokomoya? Lokhu kuye kwamlethela kanjani injabulo?
20 imiz: “Isizathu Esenza Sibuyele Njalo.”c Lapho nixoxa ngesigaba 5, cela izilaleli ukuba zisho okwazenza zaba nesithakazelo eqinisweni kanti ngaphambili zaziphikisa noma zingenasithakazelo.
INgoma 211 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.