Lingisa UJehova, ‘UNkulunkulu Wethu Ojabulayo’
1 UJehova ufuna ngempela ukuba abantu bajabule. IZwi lakhe lisenza sizilindele ngokulangazela izibusiso ezinhle kakhulu azigcinele isintu. (Isaya 65:21-25) Kufanele abantu bakubone kalula ukuthi siyakujabulela ukubatshela ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) Indlela esikhuluma ngayo ngesigijimi soMbuso kufanele ibonise ukuthi siyalithanda iqiniso nokuthi sinesithakazelo esiqotho kubantu esikhuluma nabo.—Roma 1:14-16.
2 Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi kungaba yinselele ukuhlala sijabule. Kwamanye amasimu, bambalwa abantu abasilalelayo isigijimi soMbuso. Ngezinye izikhathi singase sibhekane nezimo ezinzima ekuphileni kwethu. Ukuze sihlale sijabule, kufanele sicabange ngendlela abantu abasensimini yethu abadinga ngayo ukuzwa izindaba ezinhle zoMbuso esizishumayelayo bathole umqondo wazo. (Roma 10:13, 14, 17) Ukuzindla ngalokhu kuyosisiza ukuba siqhubeke ngenjabulo sazisa abantu ngamalungiselelo kaJehova esihe ensindiso.
3 Gxila Ezintweni Ezakhayo: Kudingeka sikunake nesikushoyo. Nakuba singase siqale ingxoxo ngokukhuluma ngenkinga noma ngendaba ethile esematheni esezingqondweni zabantu, kufanele sikugweme ukugxila ngokungenasidingo ezintweni ezibuhlungu. Umsebenzi wethu ukuhambisa “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.” (Isaya 52:7; Roma 10:15) Lezi zindaba ezinhle ziwumyalezo osekelwe ezithembisweni zikaNkulunkulu zekusasa eliqhakazile. (2 Pet. 3:13) Ukhumbula lokhu, sebenzisa imiBhalo ukuze ‘ubophe abanhliziyo zaphukileyo.’ (Isaya 61:1, 2) Lokhu kuyosiza ngamunye wethu ukuba ahlale ejabule futhi egxile ezintweni ezakhayo.
4 Abantu bayobona nakanjani ukuthi singabantu abajabule njengoba siqhubeka nomsebenzi wokushumayela. Ngakho-ke, masizame njalo ukufana noJehova, ‘uNkulunkulu wethu ojabulayo,’ lapho sitshela abantu abasensimini yethu izindaba ezinhle zoMbuso.