Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/06 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-July 10
  • Isonto Eliqala Ngo-July 17
  • Isonto Eliqala Ngo-July 24
  • Isonto Eliqala Ngo-July 31
  • Isonto Eliqala Ngo-August 7
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 7/06 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-July 10

INgoma 4

10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 15 ne-Phaphama! ka-July. Komunye wale miboniso, makuboniswe indlela yokuphendula umuntu ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “SingamaKristu kakade lapha.”—Bheka incwadi ethi Ukubonisana, k. 19.

15 imiz: Xoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe. Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Bukeza incwadi ekhuluma ngensimu engabelwe yango-May 15, 2006, izincwadi ezizohanjiswa, izinsuku okuzoyiwa ngazo, indawo ezosetshenzwa, indawo yokulala namalungiselelo ezinto zokuhamba. Ingabe abathile bangaba amaphayona asizayo? Amabandla angeke aye ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo.

20 imiz: “Basize Bazise Izimfanelo ZikaJehova Ezinhle Kakhulu.”a Hlanganisa nomboniso obonisa indlela yokusebenzisa imibuzo ukuze usize umfundi weBhayibheli azindle ngamaphuzu asebhokisini lokubukeza elisekugcineni kwesahluko sokuqala encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli.

INgoma 88 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 17

INgoma 99

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khulumela kafushane INqabayokulinda ka-August 15, 2000, ikhasi 32. Qokomisa izinzuzo zokuhlala sinesimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke, ngisho nalapho siseholidini noma singenzi imisebenzi yethu evamile.

15 imiz: Uthando Nokuthobeka—Izimfanelo Ezibalulekile Enkonzweni. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2002, amakhasi 18-20, izigaba 13-20.

20 imiz: “Lingisa UJehova, ‘UNkulunkululu Wethu Ojabulayo.’”b Cela izilaleli ukuba zisho okuzisiza ukuba zihlale zijabule futhi zinesimo sengqondo esiqondile lapho zifakaza ensimini yebandla.

INgoma 189 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 24

INgoma 218

15 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali namazwi avela eNhlanganweni okubonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4, noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 1 ne-Phaphama! ka-August. Ngemva komboniso ngamunye, phinda usho amazwi okuqala asetshenzisiwe ukuvusa isithakazelo kumninikhaya.

10 imiz: “Aye Abeka Isibonelo Sokwethembeka.” Inkulumo ehambisana nokuhlangenwe nakho okumbalwa kwamaphayona akhethekile okunyatheliswe ezincwadini zethu noma ingxoxo nanoma imaphi amaphayona akhethekile okungenzeka akhonza ebandleni lakini.—Bheka isihloko esithi “Special Pioneers” [Amaphayona Akhethekile] kuyi-Watch Tower Publications Index.

20 imiz: Yibani Ngabagxilile, Abangenakunyakaziswa. (1 Kor. 15:58) Xoxa namaphayona amabili noma amathathu noma abamemezeli asebekhonze ngokwethembeka iminyaka eminingi. Balithola kanjani iqiniso? Wawunjani umsebenzi wokushumayela ngesikhathi beqala? Iziphi izinselele abaye babhekana nazo? Iziphi izibusiso abaye bazithola ngenxa yokuhlala begxilile ekukhulekeleni kweqiniso?

INgoma 12 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 31

INgoma 28

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini yango-July. Ababonisi Bezifundo Zencwadi Zebandla nonobhala kufanele baqiniseke nokuthi yonke imibiko yezinyanga ezedlule engazange ilethwe iyaqoqwa bese ithunyelwa nombiko webandla wango-July. Yisho incwadi ehanjiswayo ngo-August.

15 imiz: Indlela Ibandla Elihlelwa Futhi Liqondiswe Ngayo. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esahlukweni 4 encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.

20 imiz: “Hlakulela Imikhuba Emihle, Uthole Izibusiso Ezicebile.”c Cela izilaleli ukuba zisho imizamo eziyenzile ukuze ziqale futhi zilondoloze isimiso esihle sezinto ezingokomoya nezibusiso eziye zazithola ngenxa yalokho.

INgoma 130 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 7

INgoma 209

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza kafushane indlela izintshumayelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezingavunyelaniswa ngayo nezidingo zensimu yebandla.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, k. 8.

15 imiz: Imihlangano Evuselela Uthando Nemisebenzi Emihle. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2002, amakhasi 24-5. Hlanganisa nengxoxo emfushane nommemezeli eqokomisa umzamo awenzayo ukuze abe khona njalo emihlanganweni nendlela aye wazuza ngayo ngokwenza njalo.

20 imiz: Hambisana Nezinguquko Futhi Uvumelane Nezimo Enkonzweni Yethu. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 2005, amakhasi 28-30. Nikeza inkulumo ngezigaba 6-11, uqokomise indlela uPawulu ayenakisisa ngayo, ayevumelana ngayo nezimo futhi enomqondo ovulekile lapho eshumayela futhi efundisa. Yibe usucela izilaleli ukuba ziphendule imibuzo yezigaba 12-14, zibonise indlela lokho kwaziswa okusebenza ngayo ebandleni. Hlanganisa nomboniso wendlela abamemezeli abangafanelanisa ngayo izintshumayelo nabantu enkonzweni, bacabangele izidingo, izimo namasiko abantu bendawo.

INgoma 83 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela