Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokubheka Abantu Ngenhlonipho
1 Lapho sifakaza obala nasendlini ngendlu, ngokuvamile sibabheka ngenhlonipho abantu ngaphambi kokuba sikhulume nabo. Ngaleso sikhashana, singakwazi ukubona ebusweni babo ukuthi bazizwa kanjani ngathi ngisho nokuthi bakusiphi isimo. Ngokufanayo, nabo bangabona okuningi kithi. Owesifazane othile washo lokhu mayelana nokuvakashelwa kwakhe uFakazi: “Engikukhumbulayo ukuthi ubuso bakhe obumamathekayo babunokuthula. Kwangihlaba umxhwele.” Lokhu kwenza ukuba lona wesifazane alalele izindaba ezinhle.
2 Ukubabheka ngenhlonipho abantu esikhuluma nabo kuyindlela ephumelelayo yokuqala ukufakaza lapho sisenkonzweni kamagazini noma sishumayela kwezinye izindawo zomphakathi. Omunye umzalwane ubabheka emehlweni abantu ahlangana nabo. Lapho behlangana ngamehlo, uyamamatheka abese ebahambisela omagazini. Esebenzisa le ndlela, ujabulela izingxoxo eziningi ezinhle futhi uhambisa izincwadi eziningi.
3 Qonda Imizwa Yabanye: Ukubabheka ngenhlonipho abantu kuyosisiza ukuba siqonde imizwa yabo. Ngokwesibonelo, uma umuntu engakuqondi lokho esikushilo noma engavumelani nakho, ngokuvamile lokhu kubonakala ebusweni. Uma ematasa noma esephelelwa yisineke, siyokubona lokhu ngokubheka ubuso bakhe. Singabe sesivumelanisa intshumayelo yethu nezimo noma siyifushanise. Ukuqaphela imizwa yabanye kuyindlela enhle yokubonisa isithakazelo esiqotho kubo.
4 Ukukhuluma Ngobuqotho Nangokuqiniseka: Emazweni amaningi, ukubheka umuntu emehlweni kubhekwa njengobufakazi bokuthi uqotho. Qaphela indlela uJesu aphendula ngayo lapho abafundi bakhe bembuza: “Ngubani ngempela ongasindiswa?” IBhayibheli liyabika: “Ebabheka ebusweni, uJesu wathi kubo: ‘Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.’” (Math. 19:25, 26) Akungabazeki ukuthi ukuqiniseka kukaJesu okwakubonakala ebusweni kwanezela isisindo emazwini akhe. Ngendlela efanayo, ukubabheka ngenhlonipho abantu esikhuluma nabo kuyosisiza ukuba sidlulisele isigijimi soMbuso ngobuqotho nangokuqiniseka.—2 Kor. 2:17; 1 Thes. 1:5.