ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-April 10
INgoma 49
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-April 15 ne-Phaphama! ka-April. Komunye wale miboniso ummemezeli uhambisa nencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli kumninikhaya othanda isigijimi seBhayibheli ngendlela evelele.
15 imiz: “Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli—Incwadi Eyinhloko Esiqhuba Ngayo Izifundo ZeBhayibheli.”a Yakha intshiseko yokuqala izifundo zeBhayibheli ngale ncwadi entsha. Cela izilaleli ziveze imibono ngencwadi entsha futhi zilandise noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo ezikuthole lapho ziyihambisa.
20 imiz: “Ungasishintsha Yini Isimiso Sakho?”b Yenza indaba isebenze ebandleni. Chaza noma imaphi amalungiselelo ibandla elinawo okushumayela kusihlwa.
INgoma 13 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 17
INgoma 104
15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini. Gcizelela amalungiselelo enziwe ebandleni enkulumo yeningi ekhethekile. Bakhuthaze bonke ukuba baqhubeke besebenzisa ikhasi lokugcina le-Nqabayokulinda ka-April 1 ukuze bamemele abantu, izifundo zeBhayibheli nabanye abathakazelayo eSikhumbuzweni. Landisa kafushane okuhlangenwe nakho okubili noma okuthathu ngokusebenzisa le Nqabayokulinda ekumemeleni abantu enkulumweni yeningi ekhethekile.
30 imiz: “Qhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo Usemnyango Noma Ngocingo.”c Hlanganisa nomboniso omfushane obonisa lokho ummemezeli angase akusho lapho esemnyango ukuze angene endlini.
INgoma 162 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 24
INgoma 66
15 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Ngo-May sizoqhubeka sihambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-May 1 ne-Phaphama! ka-May. Ngemva kwemiboniso, qokomisa ezinye izihloko ezikulab’ omagazini ezingase zibakhange abantu abasensimini yebandla.
15 imiz: “Indlela Yokulondoloza Intshiseko.”d Hlanganisa namaphuzu asekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2002, ikhasi 14, isigaba 13.
15 imiz: Izidingo zebandla.
INgoma 191 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-May 1
INgoma 211
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-April. Xoxani ngebhokisi elisekhasini 7 elithi “Ingabe Uyawacela Amagama Abanye Abantu Ongaya Kubo?”
15 imiz: “Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokubheka Abantu Ngenhlonipho.” Hlanganisa nomboniso omfushane lapho amehlo ommemezeli ehlangana nawomuntu othile endaweni yomphakathi, abese eqala ingxoxo, ashumayele.
20 imiz: Zindla Ngemisebenzi KaJehova. (IHu. 77:12) Inkulumo nengxoxo nezilaleli ekhulumela INcwadi Yonyaka Ka-2006. Xoxa ngamaphuzu akhuthazayo asencwadini evela eNdikimbeni Ebusayo. (kk. 3-5) Xoxani ngendaba engaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuhumusha IBhayibheli.” (kk. 10-11) Landisa okunye okuvelele kanye nokuhlangenwe nakho konyaka odlule. (kk. 6-64) Cela izilaleli zisho amaphuzu eziwajabulele lapho zifunda INcwadi Yonyaka Ka-2006. Bakhuthaze bonke ukuba bayisebenzise ukuze basize izifundo zeBhayibheli zazise inhlangano kaJehova.
INgoma 82 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.