IZaziso
◼ Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Njengoba u-April enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, kungaba inyanga ekahle kakhulu yokuba umuntu abe yiphayona elisizayo.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2006 iyonikezwa ngeSonto, April 30, futhi iyoba nesihloko esithi “Ingabe NguNkulunkulu Osalawula Izinto?”
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ibandla linenye i-akhawunti eseceleni, njengeyokunakekela noma yokwakha iHholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba izimali ezikuleyo akhawunti nazo zibalwe. Uma lokhu sekwenziwe, kufanele ibandla laziswe embikweni wezimali olandelayo. Sicela amabandla afaké isicelo sokubhaliswa njengeziNhlangano Ezizuzisa Umphakathi (ama-PBO) athumele amarekhodi awo ezimali zebandla ka-December, January no-February ehhovisi legatsha lapho izimali sezibaliwe. Sicela lezi zinto nizithumele kuyi-Accounting Office.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma kukhona akuthola kunzima ukufinyelela amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba asizwe. Sicela nibukeze incwadi ethunyelwa minyaka yonke, i-S-201, ukuze nithole ukusikisela.
◼ I-Watchtower Library—2005 Edition: Njengoba kwamenyezelwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2005, i-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM manje isizophuma njalo ngonyaka inazo zonke izincwadi esezikhishiwe kuze kube sekupheleni kwalowo nyaka ephume ngawo. I-Watchtower Library—2005 inezici ezimbili ezintsha. Esokuqala umbhalo wetekisi losuku otholakala encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke nesimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Isikhathi ngasinye lapho uvula i-Watchtower Library kuyi-computer kuyovela itekisi lalolo suku nokukhulunyelwa kwalo okuthathwe kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Isimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini salelo sonto siyovela ngezansi kwalelo tekisi.
Isici sesibili esisha ukuvela kanyekanye kwezilimi ezihlukahlukene. Ngaphambili, ubungafaka futhi usebenzise ama-Watchtower Library amabili noma ngaphezulu ngezilimi ezihlukahlukene, ngokwesibonelo ngesiNgisi neSpanishi, kodwa abengavuli indawo efanayo. Yini-ke ozokwazi ukuyenza ngalesi sici esisha sokuvula izilimi kanyekanye? Lapho uvulé izilimi ezimbili noma ngaphezulu kuyi-Watchtower Library ka-2005, ungakwazi ukucwaninga futhi uvule incwadi ngolimi olulodwa bese kuvuleka indawo efanayo encwadini yolunye ulimi. Phawula ukuthi ungakwazi ukuvula izilimi ezihlukahlukene ngesikhathi esisodwa kuyi-Watchtower Library ka-2005 kuphela, hhayi kulawo aphume ngaphambili.
Le Watchtower Library entsha ngeke isebenze kuma-computer ane-Windows 95. Kuyodingeka uhlelo lwe-Windows 98, i-Millennium, i-NT, i-2000, i-XP, noma olunye lwakamuva. Amabandla asengaqala ukufaka ama-oda e-Watchtower Library—2005, eyotholakalela oFakazi BakaJehova kuphela. Ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe ebandleni kuyobhalwa ukuthi kusazothunyelwa kuze kube yilapho isitholakala.
◼ Baxhumanisi babaphathi bezincwadi nonobhala bamabandla sicela niphawule: Lapho nishayela ihhovisi legatsha ucingo mayelana nezincwadi ezithunyelwe ngephutha, sicela nibe nohlu olubonisa izincwadi ezithunyelwe, uma kungenzeka. Uma nibhalela ihhovisi legatsha, sicela nithumele nekhophi yalolo hlu.