Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/05 k. 5
  • Isimiso Somkhaya—Isifundo Somkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso Somkhaya—Isifundo Somkhaya
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Litadisheni Njalo IZwi LikaNkulunkulu Njengomkhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Isifundo Somkhaya Esiletha Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indlela Amalungu Omkhaya Abambisana Ngayo Ukuze Ahlanganyele Ngokugcwele—Esifundweni SeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ukufunda Kuyavuza
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 5/05 k. 5

Isimiso Somkhaya—Isifundo Somkhaya

1 Isipho esikhulu kakhulu wena njengomzali ongumKristu ongasihlanganyela nabantabakho uthando lwakho ngoJehova. Isimo esikahle ongakwenza kuso lokhu ‘yilapho uhleli endlini yakho,’ nitadisha iBhayibheli njengomkhaya masonto onke. (Dut. 6:5-7) Kungakhathaliseki ukuthi ushade nomKristu, usemkhayeni ohlukene ngokwenkolo, noma ungumzali ongayedwa, ungakwazi ukusiza izingane zakho zisondelane nawe futhi zisondelane noJehova ngokuba nesifundo somkhaya esiqhutshwa njalo.

2 Isiqalo: Isinyathelo sokuqala okufanele usithathe ukuqala umkhuba wokutadisha njengomkhaya. Uma ungaqiniseki ukuthi ningasiqhuba nini isifundo, kunganjani niyixoxe njengomkhaya le ndaba? (IzAga 15:22) Uma unabantwana abancane, ungase ukhethe ukuba nezifundo ezimfushane eziqhutshwa kaningana phakathi nesonto. Thola ukuthi yini esebenza kahle emkhayeni wakho. Bhala isikhathi esiqondile esimisweni senu somkhaya, futhi nizimisele ukunamathela kuso.

3 Yini eningase niyitadishe? Abanye balungiselela isihloko esizobe sifundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla noma eSifundweni se-Nqabayokulinda sesonto elilandelayo. Abanye batadisha incwadi elungiselelwe abantu abasha ngokukhethekile. Ubaba othile onomfanyana nentombazanyana wathi: “Okwenza isifundo sethu sibe isici esivelele ezinganeni ukuthi siye sidlale izigcawu ezisencwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Indlela okugxila ngayo lokhu ezinganeni nendlela ezikuqonda ngayo okufundwayo ibaluleke kakhulu kunokuthi zingaki izigaba ezifundwayo.”

4 Tadishani Isonto Ngalinye: Isifundo somkhaya kufanele siqhutshwe njalo futhi kufanele wonke amalungu omkhaya asilangazelele ngenjabulo. Lapho kuphakama izimo ezingalindelekile okufanele zisingathwe, kungase kushintshwe usuku nesikhathi sesifundo. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke kushintshwe uhlobo lwendaba efundwayo. Kodwa noma iluphi ushintsho olwenziwayo akufanele lusiphazamise umlibe isimiso esihleliwe sokutadisha njengomkhaya. Kwelinye ikhaya, indodakazi ithi: “Uma kudingeka kushintshwe isikhathi sesifundo, njalo ubaba ubhala ipheshana elisitshela ukuthi sizoqhutshwa nini alibeke endaweni lapho cishe sonke singalibona khona.” Yeka ukuthi ituseka kanjani imizamo enjengalena yokuqhuba isifundo somkhaya njalo! Njengoba uqhubeka ukhulisa izingane zakho “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,” ubonisa ukuthi uyazithanda futhi uthanda noBaba wethu osezulwini.—Efe. 6:4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela