Umkhankaso Okhethekile Wokuhambisa Incwajana Entsha
1 Abantu abaningi namuhla bayakhathazeka ngenxa yezimo zezwe, kodwa bambalwa abaqondayo ukuthi kungani izimo zinje, ukuthi yini ezokwenzeka nokuthi yini okumelwe bayenze ukuze basinde ekwahlulelweni okuzayo. (Hez. 9:4) Ukuze sibasize baqaphele ukubaluleka kwezikhathi esiphila kuzo, kuzoba nomkhankaso okhethekile ensimini yethu wokuhambisa incwajana entsha ethi Hlalani Nilindile! kusukela ngoMsombuluko, ngo-March 21, kuze kube ngeSonto, ngo-April 17.
2 Le ncwajana ingahanjiswa enkonzweni yendlu ngendlu, ezimpindelweni, lapho sifakaza ngokwethukela, emigwaqweni noma ensimini yamabhizinisi. Nokho, le ncwajana ethi Hlalani Nilindile! akufanele isakazwe ngokunganaki. Kunalokho, iyohanjiselwa kuphela labo ababonisa isithakazelo kulokho iBhayibheli elikushoyo ngalokho okushiwo izenzakalo zezwe. Labo ababonisa isithakazelo esincane esigijimini banganikezwa ipheshana.
3 Ungenza umuntu akulalele ngokuba uthi:
3◼ “Abantu abaningi bayakhathazeka ngezinkinga ezinkulu nezenzakalo ezishaqisayo ezivamile namuhla. [Yisho isibonelo esaziwayo endaweni.] Bewazi yini ukuthi izinto ezinjalo zabikezelwa eBhayibhelini? [Lindela impendulo bese ufunda umBhalo ofanelana nesenzakalo osishilo, njengoMathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:7, 10, 11; noma eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] IBhayibheli liyembula ukuthi lezi zenzakalo zisho ukuthini nokuthi yini ezokwenzeka esintwini. Ungathanda ukwazi okwengeziwe? [Lindela impendulo. Uma kuboniswa isithakazelo esiqotho hambisa incwajana.] Asikhokhisi ngale ncwajana. Uma uthanda ukukhipha umnikelo omncane wokusekela umsebenzi wethu womhlaba wonke, singawujabulela.”
4 Noma ungathola le ndlela iphumelela:
4◼ “Abaningi namuhla bacindezelekile ngenxa yezimo ezishaqisayo noma izinto ezibuhlungu ezibehlele. Abanye bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engazivimbeli izinto ezinjalo. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzokuqeda ukuhlupheka kwesintu. Phawula izinto ezinhle uNkulunkulu azozenzela isintu. [Funda iHubo 37:10, 11.] Ungathanda ukwazi okwengeziwe?” Phetha ngalokho okushiwo ngenhla.
5 Zama ukuthola igama nekheli lomuntu ngamunye othathe incwajana futhi uhlele ukubuyela ukuze uthuthukise isithakazelo. Ukusikisela kokuthi lokhu kungenziwa kanjani kuzovela kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2005. Uma umuntu ebonisa isithakazelo esikhulu lapho ukhuluma naye okokuqala, ungakwazi ukuqala isifundo seBhayibheli ngaso leso sikhathi usebenzisa yona le ncwajana ethi Hlalani Nilindile! noma enye incwadi, njengencwajana ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo?
6 Le ncwajana entsha izotholakala ngemva koMhlangano Wenkonzo okuzobe kuxoxwa kuwo ngalesi sihloko. Kusikiselwa ukuba abamemezeli namaphayona baqale bathathe kuphela lezo abazozidinga ngezinsuku zokuqala zomkhankaso. Kwangathi uJehova angawubusisa lo mkhankaso okhethekile kube udumo kuye futhi kuzuze abanhliziyo ziqotho kuyo yonke indawo.—IHu. 90:17.