Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/05 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 3/05 k. 3

IZaziso

◼ Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April nango-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Hlalani Nilindile!

◼ Noma nini lapho uhlela uhambo oluya endaweni ethile futhi uzohlanganyela imihlangano yebandla, umhlangano wesifunda, noma umhlangano wesigodi wakulelo zwe, kufanele uthumele isicelo sakho sezinsuku, izikhathi nezindawo zaleyo mihlangano ehhovisi legatsha elengamele umsebenzi wakuleyo ndawo oya kuyo. Ukuze uthole amakheli amahhovisi amagatsha bheka ikhasi lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yamuva.

◼ ISikhumbuzo sizoba ngoLwesine, ngo-March 24, 2005. Uma ibandla ngokuvamile liba nemihlangano ngoLwesine, kufanele iqhutshwe ngolunye usuku kulelo sonto lapho iHholo LoMbuso liyobe lingasetshenziswa khona. Uma lokhu kungenakwenzeka, izingxenye zoMhlangano Wenkonzo ezisebenza kakhulu ebandleni lakini zingase zihlanganiswe nomunye uMhlangano Wenkonzo.

◼ Abanye abamemezeli baye babuza ihhovisi legatsha ngezingoma zoMbuso eziqoshiwe eziculwa ngendlela ethandwayo, oFakazi BakaJehova abathumelelana zona manje. Bayazibuza ukuthi lezi zingoma zigunyazwe yinhlangano yini. Siyazi ngalezi zingoma futhi sithanda ukunazisa ukuthi asizigunyazanga. Sicela ungazidluliseli kwabanye noma uzikopishe kuyi-Internet. Sethemba ukuthi lokhu kwaziswa kuzoyicacisa le ndaba.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Good News for People of All Nations—ngesiChewa, isiFulentshi, isiNgisi, nangesiPutukezi

Hlalani Nilindile!—ngesi-Amharic, isiBhunu, isiChewa, isiDashi, isiFulentshi, isiJalimane, isiJapane, isiKwangali, isiKwanyama, isiNdonga, isiNgisi, isiNgisi (SeBraille), isiNtaliyane, isiPedi, isiPutukezi, isiShayina (Esenziwe lula), iSpanishi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu

Bona Izwe Elihle—ngesiShayina (Esenziwe lula)

Watch Tower Publications Index, 2001—ngesiPutukezi

◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:

Elementary Bible Teachings—On DVD—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

Keep on the Watch!—On DVD—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela