IBhokisi Lemibuzo
◼ Umuntu kufanele awuthole kanjani umagazini wakhe siqu i-Phaphama! ne-Nqabayokulinda?
Njengoba selayekwa ngazo zonke izilimi ilungiselelo lokuthola isikhokhelo sikamagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! enyathelisiwe nesekhasethini elilalelwayo, bonke abamemezeli kufanele bawuthole ngebandla umagazini wabo siqu namakhasethi. Lokhu akuhlanganisi umagazini weBraille namakhasethi alabo abafunda iBraille, okuthunyelwa njengempahla yamahhala kulabo abafanelekayo. Sizani niphawule ukuthi amabandla angawu-oda umagazini osekhasethini elilalelwayo ngefomu le-Zicelo Zebandla (M-202). Umagazini wezilimi zakwamanye amazwe kanye nobhalwe ngokugqamile nawo kufanele u-odwe ngaleli fomu.
Uma ensimini yenu kunomuntu ocela ukulethelwa umagazini njalo, sizani niqikelele ukuthi nilandelela ngokushesha ukuze angeqiwa nangowodwa umagazini. Abantu abasusiwe ekuhlanganyeleni bangawuthola umagazini noma ezinye izincwadi zabo siqu endaweni kamagazini neyezincwadi eHholo LoMbuso. Abantu abasusiwe ekuhlanganyeleni akufanele bahanjiselwe umagazini.
Izikhokhelo okuwukuphela kwazo ihhovisi legatsha eliyozigcina emafayilini yilezo okungezalabo abangenakufinyelelwa ummemezeli webandla ngomzila kamagazini. Uma iKomiti Yenkonzo Yebandla ifaka isicelo sesikhokhelo somuntu ongenayo enye indlela yokuthola umagazini, unobhala kufanele afake nencwadi emfushane eqinisekisa ukuthi leli oda lesikhokhelo lihloliwe futhi lagunyazwa yiKomiti Yenkonzo Yebandla.
Lokhu kusho ukuthi abamemezeli akufanele babhalele ihhovisi legatsha bazicelele izikhokhelo. Noma yimuphi ummemezeli noma umuntu othakazelayo owenza isicelo esinjalo sesikhokhelo uyophindiselwa ebandleni.
◼ Isiboshwa singawuthola kanjani umagazini waso siqu?
Uma ibandla elinakekela umsebenzi wokushumayela kulelo jele lingazihambisela iziboshwa zalapho umagazini, khona-ke kufanele isiboshwa sithole umagazini waso INqabayokulinda ne-Phaphama! kubamemezeli abahambela lelo jele. Lapho lokhu kungenakwenzeka, isiboshwa singase sizicelele izikhokhelo ngokubhalela ihhovisi legatsha. Sizani niphawule ukuthi iziboshwa ezisusiwe ekuhlanganyeleni nazo zingawuthola umagazini wazo siqu ngendlela echazwe kulesi sigaba.