Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda June 15
“Awuvumi yini ukuthi kunzima ukuqeqesha izingane kuleli zwe lanamuhla? [Lindela impendulo.] Phawula lesi siqinisekiso sokuthi abazali bangaphumelela. [Funda IzAga 22:6.] Le Nqabayokulinda inikeza amacebiso asebenzayo okusiza abazali baphumelele kulo msebenzi onzima.”
INqabayokulinda July 1
“Uma kuvele inhlekelele, abaningi bayangabaza ukuthi uNkulunkulu uyabakhathalela ngempela abantu nokuthi uyakuqaphela ukuhlupheka kwabo. Wake wazibuza wena ngalokho? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngendlela uNkulunkulu abonisa ngayo ukusikhathalela namuhla nendlela enze ngayo ilungiselelo lokuqeda konke ukuhlupheka.” Funda uJohane 3:16.
Phaphama! July 8
“Awuvumelani yini nami ukuthi kubantu abaningi, iminyaka yobusha iyisikhathi sezinjabulo nezinselele? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngezinguquko ezenzeka entsheni. Ubuye uhlole iseluleko esihlakaniphile esingayisiza iyisebenzise kangcono kakhulu iminyaka yayo yobusha.” Funda umShumayeli 12:1.
“Abanye banombono wokuthi akuvumelani nesayensi ukukholelwa kuNkulunkulu. Kodwa bewazi yini ukuthi kukhona ososayensi abathi eqinisweni isayensi iyakusekela ukukholelwa kuMdali? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ikhuluma ngobunye bobufakazi obubenze bafika kuleso siphetho.” Funda eyabaseRoma 1:20.