Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/03 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Izikhonzi Zezindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Isimiso Somkhaya—Isifundo Somkhaya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 11/03 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Kufanele yini ukuba isifundo seBhayibheli somkhaya sibikwe embikweni wenkonzo?

Uma umzali ongumKristu eqhuba isifundo seBhayibheli somkhaya kukhona nezingane ezingabhapathiziwe, umzali angabika ihora ngesonto, impindelo eyodwa ngesonto nesifundo seBhayibheli esisodwa ngenyanga. Lokhu kumelwe kwenziwe ngisho noma isifundo sithatha isikhathi esingaphezu kwehora, siqhutshwa izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngesonto, noma siqhutshelwa ingane ngayinye.—Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa, k. 104.

Uma bonke ekhaya bengoFakazi ababhapathiziwe, isikhathi nesifundo akufanele kubikwe embikweni wenkonzo yasensimini (ngaphandle uma ingane isafunda incwadi yesibili ngemva kokuba ibhapathiziwe). Lokhu kungenxa yokuthi umbiko webandla wenkonzo yasensimini ngokuyinhloko ubonisa lokho okufezwa ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekufundiseni iqiniso leBhayibheli kulabo abangezona izinceku zikaJehova ezizinikezele futhi zabhapathizwa. (Math. 24:14; 28:19, 20) Nokho, lokhu akukunciphisi nakancane ukubaluleka kokuqhuba lesi sifundo njalo.

Kuwumthwalo wabazali abangamaKristu ukufunda nezingane zabo. Labo abadinga usizo ekuqaleni noma ekuthuthukiseni isifundo somkhaya bangase bacele abadala ukuba babasize. Uma izimo zenza kufaneleke ukuba omunye ummemezeli aqhubele indodana noma indodakazi engabhapathiziwe esemkhayeni wamaKristu ongamalungu ebandla isifundo seBhayibheli, kufanele kuxoxwe nombonisi owengamele noma nombonisi wenkonzo. Uma lokho kuvunyelwa, lowo osiqhubayo angase abike njengoba nje ebengabika noma isiphi esinye isifundo seBhayibheli.

Ukufundisa izingane ngezindlela zikaJehova kuhilela umzamo nesikhathi esiningi kakhulu kunaleso esibikwa embikweni wenkonzo yasensimini. (Dut. 6:6-9; IzAga 22:6) Abazali abangamaKristu kufanele banconywe ngokwenza lo msebenzi onzima wokukhulisa izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efe. 6:4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela