Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/03 k. 7
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Izikhumbuzo ZeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 3/03 k. 7

Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Kulo nyaka iSikhumbuzo singoLwesithathu, April 16. Abadala kufanele baqikelele lokhu okulandelayo:

◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qinisekani ukuthi izifanekiselo azidluliswa lingakashoni ilanga.

◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele aziswe isikhathi nendawo enembile yalo mkhosi.

◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985 ekhasini 19.

◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanele nendwangu yalo kufanele kulethwe ehholo futhi kuhlelwe ngaphambi kwesikhathi.

◼ IHholo LoMbuso noma leyo ndawo okuzohlanganwa kuyo kufanele ihlanzisiswe ngaphambi kwesikhathi.

◼ Abalindi kanye nabazohambisa izifanekiselo kufanele bakhethwe kusengaphambili futhi bachazelwe kahle ngemisebenzi yabo, indlela efanele okumelwe benze ngayo, nangesidingo sokugqoka nokuzilungisa ngendlela ehloniphekile.

◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuhambisa izifanekiselo kwabagcotshiwe abangakwazi ukuba khona ngenxa yokuba buthaka emzimbeni.

◼ Uma umuntu osusiwe edla izifanekiselo, akufanele abalwe njengodlile kodwa kufanele abalwe njengobekhona.—Bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1976, ikhasi 76.

◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwamabandla ukuze kugwenywe ukuminyana okungadingekile ezindaweni zokungena, zokuhamba umphakathi nasendaweni yokupaka. Uma kungenzeka, kuhle ukuba imihlangano yeSikhumbuzo ishiyane ngemizuzu engu-45.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela