Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/03 k. 8
  • Indlela Iqiniso Elisikhulula Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Iqiniso Elisikhulula Ngayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Khonza UJehova, UNkulunkulu Wenkululeko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Niyemukelwa Emihlanganweni Yesigodi ‘Yabathandi Benkululeko!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 3/03 k. 8

Indlela Iqiniso Elisikhulula Ngayo

1 Ngesinye isikhathi uJesu wathi kumaJuda ayekholwe nguye: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:32) Wayekhuluma ngenkululeko eyedlula eyezenhlalo, inkululeko engatholwa yibo bonke abantu—becebile noma bempofu, befundile noma bengafundile. Inkululeko uJesu afundisa ngayo yayizokhulula abantu esonweni nasekufeni. Kunjengoba uJesu achaza, “wonke umuntu ongumenzi wesono uyisigqila sesono.” (Joh. 8:34) Yeka ukuthi sisilangazelela kanjani isikhathi lapho sonke isintu esilalelayo ‘siyokhululwa ekugqilazweni ukonakala sibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu’!—Rom. 8:21.

2 Iqiniso eliphathelene noJesu nendima yakhe ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu liletha leyo nkululeko. Lihlanganisa ulwazi mayelana nomhlatshelo wesihlengo anikela ngawo ngenxa yethu. (Rom. 3:24) Ngisho namanje, ukwamukela iqiniso leBhayibheli nokulilalela kusenza sikhululeke ngezinga elithile ekwesabeni, ekuphelelweni ithemba nakuyo yonke imikhuba elimazayo.

3 Ukukhululeka Ekwesabeni Nasekuphelelweni Ithemba: Akudingekile siphelelwe ithemba ngenxa yezimo zezwe ngoba siyaqonda ukuthi kungani kukhona ububi futhi siyazi ukuthi buzosuswa ngokushesha emhlabeni. (IHu. 37:10, 11; 2 Thim. 3:1; IsAm. 12:12) Ngaphezu kwalokho, iqiniso lisikhulula ezimfundisweni ezingamanga ngesimo sabafile. Siyazi ukuthi abantu abafile abanakusilimaza, akukho lapho behlushwa khona phakade, futhi uNkulunkulu akabathathi abantu ngokufa ukuze nje ayoba nabo ezulwini.—UmSh. 9:5; IzE. 24:15.

4 Lelo qiniso lasekela ubaba nomama wengane ethile eyafa engozini. “Kukhona isikhala ekuphileni kwethu esingeke sivaleke kuze kube yilapho sibona indodana yethu ngovuko,” kusho umama. “Kodwa siyazi ukuthi ubuhlungu bethu bungobesikhashana kuphela.”

5 Ukukhululeka Emikhubeni Elimazayo: Iqiniso leBhayibheli lingakushintsha ukucabanga komuntu kanye nobuntu bakhe, umphumela ube ukukhululeka ezinkingeni ezingagwemeki. (Efe. 4:20-24) Ukuthembeka nokukhuthala kunganciphisa ubumpofu. (IzAga 13:4) Ukubonisa uthando lokuzidela kuthuthukisa ubuhlobo nabanye abantu. (Kol. 3:13, 14) Ukuhlonipha ubunhloko bobuKristu kunciphisa izinkinga emkhayeni. (Efe. 5:33–6:1) Ukugwema ukudakwa, ukuziphatha okubi kobulili, ugwayi, nezidakamizwa ezenza umuntu abe umlutha kuyasiza ekubeni nempilo enhle.—IzAga 7:21-23; 23:29, 30; 2 Kor. 7:1.

6 Insizwa ethile yayihlulekile ukuyeka izidakamizwa eyayisibe umlutha wazo iminyaka engu-9. Ngelinye ilanga yahlangana nommemezeli eshumayela emgwaqweni. Yathatha incwadi, kwase kwenziwa amalungiselelo okuba ihanjelwe ekhaya. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngezinyanga ezimbili le nsizwa yakuyeka ngokuphelele ukusebenzisa izidakamizwa, kwathi ngemva kokufunda izinyanga ezingu-8, yabhapathizwa. Umfowabo nomkakhe, beyibona iyeka izidakamizwa, baqala ukutadisha iBhayibheli.

7 Siza Abanye Bakhululeke: Umuntu osekuyisikhathi eside ethunjwe izimfundiso zamanga angase akuthole kunzima ukuqonda inkululeko enikezwa yiZwi likaNkulunkulu. Kungase kudingeke inkuthalo ekhethekile nokulungiselela kahle ukuze lowo omfundisayo afinyelele inhliziyo yakhe. (2 Thim. 4:2, 5) Manje akusona isikhathi sokunciphisa ijubane emsebenzini wethu ‘wokumemezela inkululeko kwabathunjiwe.’ (Isaya 61:1) Iyigugu inkululeko yobuKristu. Ukuyithola kusho ukuphila okuphakade.—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela